Lokhu makube ngumvuzo wezitha ovela kuSimakade, nowabakhuluma kabi ngomphefumulo wami.
Mathewu 11:19 - IsiZulu 2020 INdodana yomuntu yafika yadla, yaphuza, kodwa bathi: ‘Bhekani, umuntu oyisiminzi nenkolotshe, umngani wabathelisi nezoni.’ Kepha ukuhlakanipha kukaNkulunkulu kubonakala ukuthi kuyiqiniso ngemiphumela yakho.” IBHAYIBHELI ELINGCWELE INdodana yomuntu yafika idla, iphuza; bathi: ‘Bhekani, umuntu oyisiminzi nesiphuzi, umhlobo wabathelisi nowezoni.’ Kodwa ukuhlakanipha kuvunyiwe ngabantwana bakho.” Baasraak Zulu New Testament Bible INdodana yomuntu yafika idla, iphuza, bathi: ‘Bhekani, umuntu oyisiminzi nesiphuzi, umngane wabathelisi nezoni. Kodwa ukuhlakanipha kulungisiswa kubantwana bakho. Contemporary Zulu Bible 2024 INdodana yomuntu yafika idla, iphuza, bathi: ‘Bhekani, umuntu oyisiminzi nesiphuzi, umngane wabathelisi nezoni. Kodwa ukuhlakanipha kulungisiswa kubantwana bakho. |
Lokhu makube ngumvuzo wezitha ovela kuSimakade, nowabakhuluma kabi ngomphefumulo wami.
Ukuhlakanipha kuphambi komuntu onokuqonda, kepha amehlo esiwula asemikhawulweni yomhlaba.
ngokuba inkolotshe nesiminzi bagcina bempofu, ukozela kubenze bagqoke amanikiniki.
Ngokuba uma nithanda abanithandayo, ninamvuzo muni na? Abenzi yini kanjalo nabathelisi na?
Kwathi ngesabatha uJesu waya endlini yomunye wabaFarisi oyisikhulu, eyokudla, bembheke ngeso lokhozi.
Kuthe lapho bekubona lokho, bakhononda bonke, bathi: “UJesu ungenise endlini yendoda eyisoni.”
Abantu bonke, yebo, nabathelisi sebekuzwile lokho bavuma ukuthi uNkulunkulu ulungile, babhabhadiswa ngombhabhadiso kaJohane.
Yilowo nalowo kithi makathokozise umakhelwane ngokumenzela okuhle, ukuze amakhe;
“Amen! Udumo, nenkazimulo, nokuhlakanipha, nokubongwa, nokuhlonishwa, namandla, nokunqoba kungokukaNkulunkulu wethu kuze kube phakade naphakade. Amen!”