“Ngiqinisile ngithi kini: akukho namunye osewake wavela kwabazelwe ngabesifazane omkhulu kunoJohane uMbhabhadisi; kodwa omncane embusweni wezulu, mkhulu kunaye.
Mathewu 11:12 - IsiZulu 2020 Kepha kusukela emihleni kaJohane uMbhabhadisi kuze kube manje, umbuso wezulu uyaphangwa, nabawuphangayo bayawuhlwitha. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kepha kusukela emihleni kaJohane uMbhapathizi kuze kube manje umbuso wezulu uyafuzulwa, nabafuzulayo bayawuphanga. Baasraak Zulu New Testament Bible Kusukela emihleni kaJohane uMbhapathizi kuze kube manje umbuso wezulu uyafuzula, nabafuzulayo bayawuthatha. Contemporary Zulu Bible 2024 Kusukela emihleni kaJohane uMbhapathizi kuze kube manje umbuso wezulu uyafuzula, nabafuzulayo bayawuthatha. |
“Ngiqinisile ngithi kini: akukho namunye osewake wavela kwabazelwe ngabesifazane omkhulu kunoJohane uMbhabhadisi; kodwa omncane embusweni wezulu, mkhulu kunaye.
UJesu waphendula, wathi kuye: “Vuma manje, ngokuba kusifanele ukugcwalisa kanjalo ukulunga konke.” Ngakho-ke wamvumela.
“Phikelelani ukungena ngomnyango omncane. Ngokuba ngithi kini: baningi abayakufuna ukungena, kodwa behluleke.
“Umthetho nabaphrofethi kwakukhona kwaze kwafika uJohane; kusukela ngaleso sikhathi, ivangeli lombuso kaNkulunkulu liyashunyayelwa, wonke umuntu uyafuzula ukuba angene kuwo.
Ingelosi kaNkulunkulu yayehla ngezikhathi ezithile, ifike izamazamise ichibi, bese kuthi lowo ongene kuqala emva kokuzanyazanyiswa kwalo, asinde esifweni esimphetheyo, noma ngabe sifo sini.
Ningasebenzeli ukudla okuphelayo, kepha ukudla okuhlala kuze kube ngukuphila okuphakade, eyakunipha khona iNdodana yomuntu, ngokuba uYise uNkulunkulu ubekile uphawu lwakhe kuyo.”
Ngakho-ke bathandekayo bami, njengalokhu nalalela ngezikhathi zonke, hhayi nje uma ngikhona, kodwa ikakhulu manje njengokuba ngingekho; fezani ukusindiswa kwenu ngokwesaba nangokuthuthumela.