Mathewu 11:11 - IsiZulu 2020 “Ngiqinisile ngithi kini: akukho namunye osewake wavela kwabazelwe ngabesifazane omkhulu kunoJohane uMbhabhadisi; kodwa omncane embusweni wezulu, mkhulu kunaye. IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Ngiqinisile ngithi kini: Kwabazelwe ngabesifazane akuvelanga omkhulu kunoJohane uMbhapathizi; kepha omncane embusweni wezulu mkhulu kunaye. Baasraak Zulu New Testament Bible Ngiqinisile ngithi kini: Kwabazelwe ngabesifazane akuvelanga omkhulu kunoJohane uMbhapathizi; kepha omncane embusweni wezulu mkhulu kunaye. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngiqinisile ngithi kini: Kwabazelwe ngabesifazane akuvelanga omkhulu kunoJohane uMbhapathizi; kepha omncane embusweni wezulu mkhulu kunaye. |
Uyini umuntu ukuba angaba ngohlanzekileyo, nozelwe ngowesifazane ukuba abe ngolungileyo na?
Pho umuntu angaba kanjani ngolungileyo kuNkulunkulu, nozelwe ngowesifazane, abe ngohlanzekileyo na?
Ngosuku uSimakade ayobopha ngalo amanxeba abantu bakhe, aphulukise izilonda abashaya zona; ukukhanya kwenyanga kuyoba njengokukhanya kwelanga, nokukhanya kwelanga kuphindwe kasikhombisa, kube njengokukhanya kwamalanga ayisikhombisa.
Ngalolo lusuku uSimakade uyakubavikela abakhileyo eJerusalema; okhubekayo kubo ngalolo lusuku uyakuba njengoDavide, indlu kaDavide ibe njengoNkulunkulu, ifane nengelosi kaSimakade phambi kwabo.
Nguye okulotshwe ngaye ukuthi: “ ‘Ngiyakuthuma isithunywa sami phambi kobuso bakho, esiyakulungisa indlela yakho, phambi kwakho.’
Kepha kusukela emihleni kaJohane uMbhabhadisi kuze kube manje, umbuso wezulu uyaphangwa, nabawuphangayo bayawuhlwitha.
“Mina nginibhabhadisa ngamanzi, kube ngukuphenduka. Kepha oza emva kwami, unamandla kunami, engingafanele ukuthukulula izicathulo zakhe. Uzakunibhabhadisa ngoMoya oNgcwele nangomlilo.
“Ngakho-ke oweqa owodwa kule miyalelo emincinyane, afundise abantu kanjalo, uyakuthiwa omncinyane embusweni wezulu; kepha oyigcinayo, ayifundise, lowo uyakuthiwa mkhulu embusweni wezulu.
Ngokuba uzakuba mkhulu emehlweni eNkosi; akayukuliphuza iwayini nophuzo olunamandla; uzakugcwaliswa nguMoya oNgcwele esesesiswini sikanina.
“Ngithi kini: akukho namunye kwabazelwe ngowesifazane omkhulu kunoJohane, kepha omncinyane embusweni kaNkulunkulu, mkhulu kunaye.”
wathi kubo: “Yilowo nalowo oyakwamukela lo mntwana egameni lami, wamukela Mina; ongamukelayo Mina, uyamamukela nongithumileyo, ngokuba omncinyane kini nonke nguye omkhulu.”
UJohane wafakaza ngaye, wamemeza wathi: “Lona nguye engikhulume ngaye ngathi: ‘Emva kwami kuza lowo omkhulu kunami, ngokuba wayekhona ngaphambi kwami.’ ”
Lo ozayo emuva kwami, angifanele ngisho nokuthukulula umchilo wezicathulo zakhe.”
Abaningi beza kuye, bathi: “Impela uJohane akenzanga nasinye isibonakaliso, kodwa-ke konke uJohane akukhuluma ngalo muntu kuyiqiniso.”
UJohane wayeyisibani esivuthayo nesikhanyisayo. Nina-ke nakhetha ukuzijabulisa okwesikhashana ekukhanyeni kwakhe.
Wayekusho lokho ngoMoya abazakumamukela labo abakholwa nguye, ngokuba uMoya wayengakafiki, ngenxa yokuba uJesu wayengakakhazimuliswa.
Ngokuba mina ngingomncane kubaphostoli, engingafanele ukubizwa ngomphostoli, lokhu ngalihlupha ibandla likaNkulunkulu.
Ngakho-ke uma ninamacala alokhu kuphila, niyababeka yini abangenasithunzi ebandleni ukuba babe ngabehluleli na?
esasikade sihamba sonke phakathi kwabo ezinkanukweni zenyama yethu eyonakeleyo, senza intando yenyama eyonakeleyo neyemicabango; sasingabantwana bolaka ngokwemvelo njengabo bonke abanye.
Mina engimncinyane kunabo bonke abangcwele, ngaphiwa lo musa wokushumayeza abezizwe ivangeli lengcebo kaKhristu engaphenyekiyo.
kepha manje osubonakalisiwe ngokufika koMsindisi wethu uKhristu uJesu, owachitha ukufa, waletha ekukhanyeni ukuphila nokungabhubhi ngevangeli.
ngokuba uNkulunkulu wayesibonele okuhle kunalokho, ukuze bangapheleliswa ngaphandle kwethu.
Mayelana nensindiso, abaphrofethi bafunisisa becwaningisisa ngomusa okwaphrofethwa ngawo ebenizakwenzelwa wona.
“Ngakho-ke uSimakade uNkulunkulu wakho, uthi: ‘Impela ngasho ukuthi indlu yakho nekayihlo ziyongena ziphume ebukhoneni bami kuze kube phakade.