Ngizokwenza ubutha phakathi kwakho nowesifazane, ngizonenza nizondane nenzalo yowesifazane. Inzalo yowesifazane iyochoboza ikhanda leyakho, nenzalo yakho ishaye isithende senzalo yakhe.”
Mathewu 10:36 - IsiZulu 2020 Izitha zomuntu kuyakuba ngabendlu yakhe. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Nezitha zomuntu kuyakuba ngabendlu yakhe. Baasraak Zulu New Testament Bible Nezitha zomuntu kuyakuba ngabendlu yakhe. Contemporary Zulu Bible 2024 Nezitha zomuntu kuyakuba ngabendlu yakhe. |
Ngizokwenza ubutha phakathi kwakho nowesifazane, ngizonenza nizondane nenzalo yowesifazane. Inzalo yowesifazane iyochoboza ikhanda leyakho, nenzalo yakho ishaye isithende senzalo yakhe.”
UDavide wayesethi ku-Abhishayi nakuzo zonke izinceku zakhe: “Bhekani, indodana yami eyaphuma ezibilini zami ifuna ukuphila kwami; kakhulu kangakanani-ke lo mBhenjamini na? Myekeni, athuke, ngokuba nguSimakade omthumile.
“Ngizonyakazisa abaseGibhithe bavukelane bodwa, umfowabo alwe nomfowabo, umakhelwane alwe nomakhelwane, umuzi ulwe nomuzi, nombuso ulwe nomunye umbuso.
Abafowenu nabendlu kayihlo nabo bakukhohlisile, bamemeza bekhala emva kwakho; ungabethembi, noma bekhuluma okuhle kuwe.”
Ngizwile ukuhleba kwabaningi, bethi: “Luvalo nxazonke. Mmangalele! Masimmangalele!” Bonke abangani bami sebelinde ukuwa kwami. “Mhlawumbe uyakuyengeka, simehlule, siziphindisele kuye.”
Ngokuba indodana iphatha kabi uyise; indodakazi ivukela unina; umakoti umelana noninazala, nezitha zomuntu ngabantu bendlu yakhe.
“Umuntu uyakumkhaphela ekufeni umfowabo, noyise akhaphele umntwana wakhe. Abantwana bayakuvukela abazali, bababulale.
UPhethro wathi kuye: “Awusoze wazigeza izinyawo zami naphakade.” UJesu waphendula, wathi: “Uma ngingakugezi, awunasabelo nami.”
U-Eliyabe, umfowabo omdala, wezwa lapho ekhuluma kubantu; intukuthelo ka-Eliyabe yamvuthela uDavide, wathi: “Wehleleni na? Uzishiye nobani leziya zimvu ezingengakanani ehlane? Ngiyakwazi ukuziphakamisa kwakho nobubi benhliziyo yakho, wehlile ukuba uzobona impi.”