Inkosi uJehoyakimi, nawo wonke amaqhawe ayo, nazo zonke izikhulu bawezwa amazwi akhe; inkosi yafuna ukumbulala, kepha u-Uriya wezwa, wesaba, wabaleka, waya eGibhithe.
Mathewu 10:23 - IsiZulu 2020 Nxa benizingela komunye umuzi, balekelani komunye, ngokuba ngiqinisile ngithi kini: niyakuthi ningakayihambi yonke imizi yakwa-Israyeli, bese ifika iNdodana yomuntu. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Nxa benizingela komunye umuzi, anobalekela komunye; ngokuba ngiqinisile ngithi kini: Aniyikuqeda imizi yakwa-Israyeli, ingakafiki iNdodana yomuntu. Baasraak Zulu New Testament Bible Kepha nxa benizingela kulo muzi, balekelani komunye, ngokuba ngiqinisile ngithi kini: Aniyikuqeda imizi yakwa-Israyeli, ingakafiki iNdodana yomuntu. Contemporary Zulu Bible 2024 Kepha nxa benizingela kulo muzi, balekelani komunye, ngokuba ngiqinisile ngithi kini: Aniyikuqeda imizi yakwa-Israyeli, ingakafiki iNdodana yomuntu. |
Inkosi uJehoyakimi, nawo wonke amaqhawe ayo, nazo zonke izikhulu bawezwa amazwi akhe; inkosi yafuna ukumbulala, kepha u-Uriya wezwa, wesaba, wabaleka, waya eGibhithe.
Ngokuba iNdodana yomuntu iyakuza ngenkazimulo kaYise nezingelosi zayo; khona-ke iyakuvuza yilowo nalowo ngesenzo sakhe.
Ngiqinisile ngithi kini: bakhona abanye kwabemi lapha, abangayukukuzwa ukufa, baze bayibone iNdodana yomuntu iza nombuso wayo.”
Kuthe sezihambile izazi; bheka, ingelosi yeNkosi yabonakala kuJosefa ngephupho, yathi: “Vuka uthathe umntwana nonina, ubalekele eGibhithe, uhlale khona, ngize ngikutshele, ngokuba uHerode uzakumfuna umntwana ukuze ambulale.”
Ngalokho-ke bhekani, ngithumela kini abaphrofethi, abahlakaniphileyo nezazimthetho. Abanye niyakubabulala, abanye nibabethele, abanye nibashaye emasinagogeni enu, nibaxoshe imizi ngemizi.
Njengonyazi luphuma empumalanga, lubonakale ngisho entshonalanga, kuyakuba njalo-ke ukufika kweNdodana yomuntu.
“Khona kuyakubonakala isibonakaliso seNdodana yomuntu ezulwini, bese zikhala zonke izizwe zomhlaba. Zonke ziyakuyibona iNdodana yomuntu iza emafini ezulu, inamandla nenkazimulo enkulu.
Ngiqinisile ngithi kini: lesi sizukulwane asiyukwedlula kungakenzeki konke lokhu.
UJesu wayesethi kuye: “Usho khona. Nokho ngithi kini: kusukela manje niyakuyibona iNdodana yomuntu ihleli ngakwesokunene saMandla, iza ngamafu ezulu.”
Khona-ke niyakubona iNdodana yomuntu iza emafini, inamandla amakhulu nenkazimulo.
Ngithi kini: uyakubenzela ubulungiswa ngokushesha. Ngabe iNdodana yomuntu iyokufumana yini ukukholwa emhlabeni mhla ifika na?”
Khona-ke bayakuyibona iNdodana yomuntu iza ngefu, inamandla nenkazimulo enkulu.
Emva kwalokho uJesu wahlala eGalile, ngokuba wayengathandi ukuya eJudiya, lokhu abaJuda babefuna ukumbulala.
Ngokushesha ngalobo busuku, abazalwane babaphelezela oPawula noSila ukuba baye eBhiriya. Kuthe sebefikile khona, bangena esinagogeni labaJuda.
Masinyane, abazalwane bamhambisa uPawula waze wayofika olwandle, kepha uSila noThimothewu basala lapho.
Kwathi sesiphelile isiphithiphithi, uPawula wabiza abafundi, wabakhuthaza, wayesevalelisa, wahamba waya eMakhedoniya.
USawula wayevumelene nabo ngokuthi akabulawe. Ngalolo lusuku kwaba nokuhlushwa kwebandla okukhulu eJerusalema. Abazalwane bonke bahlakazekela ezifundeni eJudiya naseSamariya; kwasala abaphostoli kuphela.