Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




Mathewu 10:21 - IsiZulu 2020

“Umuntu uyakumkhaphela ekufeni umfowabo, noyise akhaphele umntwana wakhe. Abantwana bayakuvukela abazali, bababulale.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

“Kepha umuntu uyakukhaphela umfowabo ekufeni, noyise umntanakhe; abantwana bayakuvukela abazali babo, bababulale.

Uka jalj uñjjattʼäta

Baasraak Zulu New Testament Bible

Umfowabo uyakukhaphela umfowabo ekufeni, noyise umntwana, nabantwana bavukele abazali babo, bababulale.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Umfowabo uyakukhaphela umfowabo ekufeni, noyise umntwana, nabantwana bavukele abazali babo, bababulale.

Uka jalj uñjjattʼäta



Mathewu 10:21
12 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UDavide wayesethi ku-Abhishayi nakuzo zonke izinceku zakhe: “Bhekani, indodana yami eyaphuma ezibilini zami ifuna ukuphila kwami; kakhulu kangakanani-ke lo mBhenjamini na? Myekeni, athuke, ngokuba nguSimakade omthumile.


Abangani bami ebesingamathe nolimi nabo sebeyangenyanya, nalabo engibathandayo sebengifulathele.


Uhlala ugxibha umfowenu, unyevuza indodana kanyoko.


“Ngizonyakazisa abaseGibhithe bavukelane bodwa, umfowabo alwe nomfowabo, umakhelwane alwe nomakhelwane, umuzi ulwe nomuzi, nombuso ulwe nomunye umbuso.


Kuyakuthi uma omunye ephrofetha, uyise nonina abamzalayo bathi kuye: ‘Kufanele ufe, ngokuba uqambe amanga egameni likaSimakade,’ uyise nonina bayakumgwaza esaphrofetha.


Abaningi bayakukhubeka, bakhaphelane, futhi bazondane.