UDavide wayesethi ku-Abhishayi nakuzo zonke izinceku zakhe: “Bhekani, indodana yami eyaphuma ezibilini zami ifuna ukuphila kwami; kakhulu kangakanani-ke lo mBhenjamini na? Myekeni, athuke, ngokuba nguSimakade omthumile.
Mathewu 10:21 - IsiZulu 2020 “Umuntu uyakumkhaphela ekufeni umfowabo, noyise akhaphele umntwana wakhe. Abantwana bayakuvukela abazali, bababulale. IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Kepha umuntu uyakukhaphela umfowabo ekufeni, noyise umntanakhe; abantwana bayakuvukela abazali babo, bababulale. Baasraak Zulu New Testament Bible Umfowabo uyakukhaphela umfowabo ekufeni, noyise umntwana, nabantwana bavukele abazali babo, bababulale. Contemporary Zulu Bible 2024 Umfowabo uyakukhaphela umfowabo ekufeni, noyise umntwana, nabantwana bavukele abazali babo, bababulale. |
UDavide wayesethi ku-Abhishayi nakuzo zonke izinceku zakhe: “Bhekani, indodana yami eyaphuma ezibilini zami ifuna ukuphila kwami; kakhulu kangakanani-ke lo mBhenjamini na? Myekeni, athuke, ngokuba nguSimakade omthumile.
Abangani bami ebesingamathe nolimi nabo sebeyangenyanya, nalabo engibathandayo sebengifulathele.
“Ngizonyakazisa abaseGibhithe bavukelane bodwa, umfowabo alwe nomfowabo, umakhelwane alwe nomakhelwane, umuzi ulwe nomuzi, nombuso ulwe nomunye umbuso.
Kuyakuthi uma omunye ephrofetha, uyise nonina abamzalayo bathi kuye: ‘Kufanele ufe, ngokuba uqambe amanga egameni likaSimakade,’ uyise nonina bayakumgwaza esaphrofetha.