USolomoni wakhothama, walaliswa kokhokho bakhe, wambelwa emzini kaDavide, uyise. URehobhowamu, indodana yakhe, waba yinkosi esikhundleni sakhe.
Mathewu 1:7 - IsiZulu 2020 uSolomoni wazala uRehobhowamu, uRehobhowamu wazala u-Abiya, u-Abiya wazala u-Asafa; IBHAYIBHELI ELINGCWELE uSolomoni wazala uRobowamu, uRobowamu wazala u-Abiya, u-Abiya wazala u-Asafa; Baasraak Zulu New Testament Bible USolomoni wazala uRehobowamu; uRehobowamu wazala uAbhiya; uAbhiya wazala uAsa; Contemporary Zulu Bible 2024 USolomoni wazala uRehobowamu; uRehobowamu wazala uAbhiya; uAbhiya wazala uAsa; |
USolomoni wakhothama, walaliswa kokhokho bakhe, wambelwa emzini kaDavide, uyise. URehobhowamu, indodana yakhe, waba yinkosi esikhundleni sakhe.
URehobhowamu walaliswa nokhokho bakhe, wembelwa emzini kaDavide. Igama likanina kwakunguNahama wakwa-Amoni. U-Abhiyamu, indodana yakhe, waba yinkosi esikhundleni sakhe.
Kwathi lapho umbuso kaRehobhowamu ususimeme waqina impela, wawushiya umthetho kaSimakade, no-Israyeli wonke wenza njengaye.
Kwabuthana kuye wonke amayiyane, nabantu abakhohlakele baba namandla kunoRehobhowamu, indodana kaSolomoni. URehobhowamu wayesemusha, engakaqini ukhakhayi, akakwazanga ukumelana nabo.
USolomoni wayesekhothama, bamngcwaba kokhokho bakhe, emzini kaDavide uyise. URehobhowamu, indodana yakhe, waba yinkosi esikhundleni sakhe.
u-Asafa wazala uJehoshafathi, uJehoshafathi wazala uJoramu, uJoramu wazala u-Uziya;
Kwakukhona emihleni kaHerode inkosi yaseJudiya, umphristi othile, ogama lakhe nguZakhariya, esigabeni sika-Abhiya, nomkakhe engowamadodakazi ka-Aroni, igama lakhe ngu-Elizabethe.