Ngizokwenza ubutha phakathi kwakho nowesifazane, ngizonenza nizondane nenzalo yowesifazane. Inzalo yowesifazane iyochoboza ikhanda leyakho, nenzalo yakho ishaye isithende senzalo yakhe.”
Mathewu 1:18 - IsiZulu 2020 Ukuzalwa kukaJesu kwaba kanje: uMariya unina kaJesu wayesethenjiswe umendo uJosefa; bengakahlangani, uMariya watholakala esekhulelwe ngokukaMoya oNgcwele. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ukuzalwa kukaJesu Kristu kwaba nje: unina uMariya esemiselwe uJosefa, bengakahlangani wafunyanwa ekhulelwe ngoMoya oNgcwele. Baasraak Zulu New Testament Bible Ukuzalwa kukaJesu Kristu kwaba kanje: unina uMariya esemiselwe uJosefa, bengakahlangani wafunyanwa ekhulelwe ngoMoya oNgcwele. Contemporary Zulu Bible 2024 Ukuzalwa kukaJesu Kristu kwaba kanje: unina uMariya esemiselwe uJosefa, bengakahlangani wafunyanwa ekhulelwe ngoMoya oNgcwele. |
Ngizokwenza ubutha phakathi kwakho nowesifazane, ngizonenza nizondane nenzalo yowesifazane. Inzalo yowesifazane iyochoboza ikhanda leyakho, nenzalo yakho ishaye isithende senzalo yakhe.”
Uyini umuntu ukuba angaba ngohlanzekileyo, nozelwe ngowesifazane ukuba abe ngolungileyo na?
Nantu uhla lozalo okwavela kulo uJesu Khristu, indodana kaDavide, indodana ka-Abhrahama.
Kwathi uJesu esakhuluma nezixuku, unina nabafowabo bema ngaphandle befuna ukukhuluma naye.
Zase zingena endlini, zabona umntwana nonina uMariya, zawa phansi, zakhuleka kuye. Zavula amagugu azo, zamkhunga ngezipho: igolide, amakha, nenhlaka.
“INkosi yenze kanje kimina emihleni engibheke ngayo ngomusa ukuba ilisuse ihlazo lami phakathi kwabantu.”
“Uma kukhona intombazana eyintombi, nokho esiyingoduso yendoda, bese umuntu eyithola emzini, alale nayo,
Ngalokho-ke esezakufika emhlabeni, uthi: “Umhlatshelo nomnikelo awuwuthandanga, kodwa ungilungisele umzimba.
Ngokuba umphristi omkhulu onjengaye usifanele thina; ongcwele, ongenacala, ongenasici, owehlukanisiwe kwabayizoni, owenziwe waphakama phezu kwamazulu.