UJeremiya wathi kuSeraya: “Kuyakuthi nje lapho ufika eBhabhele, uqikelele ukuba uwafunde wonke lawa mazwi,
KwabaseKolose 4:16 - IsiZulu 2020 Kuyakuthi uma le ncwadi seniyifundelwe, bese niqinisekisa ukuthi iyafundwa nasebandleni laseLawodikheya, nani niyifunde leyo ncwadi evela eLawodikheya. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Nxa le ncwadi isifundiwe kini, bhekani ukuba ifundwe nasebandleni labaseLawodikeya; nani niyifunde leyo evela eLawodikeya. Baasraak Zulu New Testament Bible Nxa le ncwadi isifundiwe kini, qinisekani ukuba ifundwe nasebandleni laseLawodikeya; nokuthi nani nifunde incwadi evela eLawodikeya. Contemporary Zulu Bible 2024 Nxa le ncwadi isifundiwe kini, qinisekani ukuba ifundwe nasebandleni laseLawodikeya; nokuthi nani nifunde incwadi evela eLawodikeya. |
UJeremiya wathi kuSeraya: “Kuyakuthi nje lapho ufika eBhabhele, uqikelele ukuba uwafunde wonke lawa mazwi,
Ngiyathanda ukuba nazi ukuthi nginikhandlekela kakhulu kangakanani nina nabaseLawodikheya nabo bonke abangakaze bangibone ngamehlo,
Ngokuba ngiyamfakazela ukuthi uyanisebenzela kakhulu nina, nabaseLawodikheya, nabaseHiyerapholi.
Khonzani kubazalwane baseLawodikheya, nakuNimfa, nebandla elihlanganela endlini yakhe.
Kepha uma kukhona ongalilaleli izwi lethu kule ncwadi, mphawuleni lowo, ningahlanganyeli naye, ukuze abe namahloni,