Abasokileyo abakholwayo ababefike noPhethro bamangala kakhulu bebona ukuthi isipho sikaMoya oNgcwele sithululelwe naphezu kwabezizwe.
KwabaseKolose 4:11 - IsiZulu 2020 noJesu okuthiwa nguJustu. Yibo bodwa abangabasokileyo, abasebenzela umbuso kaNkulunkulu kanye nami, bayinduduzo kimi. IBHAYIBHELI ELINGCWELE noJesu othiwa uJustu; yibo bodwa abangabokusoka abasebenzela umbuso kaNkulunkulu kanye nami, abakade beyinduduzo kimi. Baasraak Zulu New Testament Bible NoJesu othiwa uJustu, abangabokusoka. Yilaba kuphela abayizisebenzi kanye nami embusweni kaNkulunkulu, babe yinduduzo kimi. Contemporary Zulu Bible 2024 NoJesu othiwa uJustu, abangabokusoka. Yilaba kuphela abayizisebenzi kanye nami embusweni kaNkulunkulu, babe yinduduzo kimi. |
Abasokileyo abakholwayo ababefike noPhethro bamangala kakhulu bebona ukuthi isipho sikaMoya oNgcwele sithululelwe naphezu kwabezizwe.
futhi abe nguyise wabasokileyo, kungabi ngowabasokileyo kuphela, kodwa nowalabo abahamba endleleni yokukholwa, ubaba u-Abhrahama ayenakho engakasoki.
Thina esisebenza kanye naye, siyanincenga ukuba ningawemukeleli ize umusa kaNkulunkulu,
Ngakho-ke khumbulani ukuthi nanikade ningabezizwe ngokwenyama, nibizwa ngokuthi ningabangasokile yilabo abaziwa ngokuthi basokile, okwenziwa ngezandla enyameni,
Yebo, ngiyakunxusa nawe mhlobo wami oqotho, ukuba ubalekelele labo besifazane, ngokuba bahlanganyela nami evangelini, benoKlemente nezinye izisebenzi zami, amagama azo alotshiwe encwadini yokuphila.
UThikhikhu, umzalwane othandekayo nesikhonzi esithembekileyo, oyinceku kanye nami eNkosini, uyakunazisa konke okuqondene nami.
Sathumela uThimothewu umzalwane wethu, isikhonzi sikaNkulunkulu kanye nathi evangelini likaKhristu, ukuba aniqinise, anikhuthaze ekukholweni kwenu,
Ngakho-ke bazalwane, kulo lonke usizi nobunzima esasibhekene nakho, sagqugquzeleka ngani ngokukholwa kwenu.
Ngokuba baningi abamelene neqiniso, abakhuluma okuyize, nabakhohlisayo, ikakhulu abokusoka,
UPawula, isiboshwa sikaKhristu uJesu noThimothewu umzalwane, kuFilemoni isithandwa nesisebenzi kanye nathi,