Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




KwabaseKolose 4:10 - IsiZulu 2020

Uyakhonza kini u-Aristarkhu oyisiboshwa kanye nami, noMakhu umzala kaBharnabha, enatshelwa ngaye. Uma efika kini, mamukeleni,

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Uyakhonza kini u-Aristarku oyisiboshwa kanye nami, noMarku umzala kaBarnaba, enayalezwa ngaye – uma efika kini mamukeleni –

Uka jalj uñjjattʼäta

Baasraak Zulu New Testament Bible

Uyakhonza kini u-Aristarku isiboshwa kanye nami, noMarku indodana kadadewabo kaBarnaba, enayalwa ngaye; uma efika kini mamukeleni;

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Uyakhonza kini u-Aristarku isiboshwa kanye nami, noMarku indodana kadadewabo kaBarnaba, enayalwa ngaye; uma efika kini mamukeleni;

Uka jalj uñjjattʼäta



KwabaseKolose 4:10
17 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Sekumkhanyele lokho, wafika endlini kaMariya, unina kaJohane okuthiwa uMakhu, lapho kwakubuthene khona abaningi bekhuleka.


UBharnabha noSawula babuyela eJerusalema, ngokuba base bekuqedile ukukhonza kwabo, behamba noJohane okuthiwa nguMakhu.


UPawula nababehambisana naye basuka ePhafu ngomkhumbi baze bayofika ePherge ePhamfiliya, kepha uJohane wehlukana nabo, wabuyela eJerusalema.


Lapho befika eSalami, bashumayela izwi likaNkulunkulu emasinagogeni abaJuda; babehamba noJohane owayebasiza.


Umuzi wonke wagcwala isiphithiphithi, baphuthuma kanyekanye enkundleni okubukelwa kuyo, bamdumela uGayu no-Aristarku baseMakhedoniya, ababehamba noPawula.


Wayephelezelwa nguSophathru kaPhiru waseBhiriya, abaseThesalonikha: u-Aristarku, uSekhundu, uGayu waseDerbe, uThimothewu, nabase-Asiya uThikhiku noThrofimu.


Sangena emkhunjini wase-Adramathiyu owawusazosuka ugudle ugu e-Asiya, u-Aristarkhu umMakhedoniya waseThesalonikha wayekanye nathi.


Kwathi uJosefa owaqanjwa ngabaphostoli ngokuthi uBharnabha, okusho ukuthi indodana ekhuthazayo, engumLevi waseKhuphro ngokuzalwa,


ukuba nimamukele eNkosini njengokufanele abangcwele, nimsize kukho konke angahle akudinge kini, ngokuba ulusizo impela kwabaningi, ngisho nakimi imbala.


Nikhonze ku-Anidroniku noJuniya abayizihlobo zami, ababeyiziboshwa kanye nami, abaqavile kubaphostoli, nababekuKhristu ngaphambi kwami.


uLuka nguye kuphela onami. Ubokuza noMakhu, ngokuba uwusizo kimi emsebenzini.


Uyakhonza u-Ephafra, engiyisiboshwa kanye naye ngenxa kaKhristu uJesu,


kanjalo noMakhu, u-Aristakhusi, uDema noLuka, esibambisene nabo emsebenzini.


Liyakhonza kini ibandla eliseBhabhiloni elikhethiweyo kanye nani, uyakhonza noMakhu indodana yami.