Sekumkhanyele lokho, wafika endlini kaMariya, unina kaJohane okuthiwa uMakhu, lapho kwakubuthene khona abaningi bekhuleka.
KwabaseKolose 4:10 - IsiZulu 2020 Uyakhonza kini u-Aristarkhu oyisiboshwa kanye nami, noMakhu umzala kaBharnabha, enatshelwa ngaye. Uma efika kini, mamukeleni, IBHAYIBHELI ELINGCWELE Uyakhonza kini u-Aristarku oyisiboshwa kanye nami, noMarku umzala kaBarnaba, enayalezwa ngaye – uma efika kini mamukeleni – Baasraak Zulu New Testament Bible Uyakhonza kini u-Aristarku isiboshwa kanye nami, noMarku indodana kadadewabo kaBarnaba, enayalwa ngaye; uma efika kini mamukeleni; Contemporary Zulu Bible 2024 Uyakhonza kini u-Aristarku isiboshwa kanye nami, noMarku indodana kadadewabo kaBarnaba, enayalwa ngaye; uma efika kini mamukeleni; |
Sekumkhanyele lokho, wafika endlini kaMariya, unina kaJohane okuthiwa uMakhu, lapho kwakubuthene khona abaningi bekhuleka.
UBharnabha noSawula babuyela eJerusalema, ngokuba base bekuqedile ukukhonza kwabo, behamba noJohane okuthiwa nguMakhu.
UPawula nababehambisana naye basuka ePhafu ngomkhumbi baze bayofika ePherge ePhamfiliya, kepha uJohane wehlukana nabo, wabuyela eJerusalema.
Lapho befika eSalami, bashumayela izwi likaNkulunkulu emasinagogeni abaJuda; babehamba noJohane owayebasiza.
Umuzi wonke wagcwala isiphithiphithi, baphuthuma kanyekanye enkundleni okubukelwa kuyo, bamdumela uGayu no-Aristarku baseMakhedoniya, ababehamba noPawula.
Wayephelezelwa nguSophathru kaPhiru waseBhiriya, abaseThesalonikha: u-Aristarku, uSekhundu, uGayu waseDerbe, uThimothewu, nabase-Asiya uThikhiku noThrofimu.
Sangena emkhunjini wase-Adramathiyu owawusazosuka ugudle ugu e-Asiya, u-Aristarkhu umMakhedoniya waseThesalonikha wayekanye nathi.
Kwathi uJosefa owaqanjwa ngabaphostoli ngokuthi uBharnabha, okusho ukuthi indodana ekhuthazayo, engumLevi waseKhuphro ngokuzalwa,
ukuba nimamukele eNkosini njengokufanele abangcwele, nimsize kukho konke angahle akudinge kini, ngokuba ulusizo impela kwabaningi, ngisho nakimi imbala.
Nikhonze ku-Anidroniku noJuniya abayizihlobo zami, ababeyiziboshwa kanye nami, abaqavile kubaphostoli, nababekuKhristu ngaphambi kwami.
Liyakhonza kini ibandla eliseBhabhiloni elikhethiweyo kanye nani, uyakhonza noMakhu indodana yami.