Zisokeleni uSimakade, nisuse amajwabu ezinhliziyo zenu, nina bantu bakwaJuda, nani zakhamuzi zaseJerusalema, funa intukuthelo yami iphume njengomlilo, ivuthe, kungabi bikho oyicimayo, ngenxa yobubi bezenzo zenu.
KwabaseKolose 2:11 - IsiZulu 2020 enasokelwa kuye, hhayi ngokusoka okwenziwa ngezandla ngokukhumula umzimba wenyama, kodwa ngokusoka kukaKhristu; IBHAYIBHELI ELINGCWELE enasokela kuye futhi ngokusoka okungenziwanga ngezandla ngokukhumula umzimba wenyama, ngokusoka kukaKristu; Baasraak Zulu New Testament Bible Enisokwa kuye futhi ngokusoka okwenziwa ngaphandle kwezandla, ngokukhumula umzimba wezono zenyama ngokusoka kukaKristu. Contemporary Zulu Bible 2024 Enisokwa kuye futhi ngokusoka okwenziwa ngaphandle kwezandla, ngokukhumula umzimba wezono zenyama ngokusoka kukaKristu. |
Zisokeleni uSimakade, nisuse amajwabu ezinhliziyo zenu, nina bantu bakwaJuda, nani zakhamuzi zaseJerusalema, funa intukuthelo yami iphume njengomlilo, ivuthe, kungabi bikho oyicimayo, ngenxa yobubi bezenzo zenu.
“Thina simzwile ethi: ‘Ngiyakulidiliza leli thempeli elenziwe ngezandla, kuthi emva kwezinsuku ezintathu, ngakhe elinye elingenziwanga ngezandla.’ ”
Kwathi seziphelile izinsuku eziyisishiyagalombili, umntwana wasokwa, wayeseqanjwa igama kwathiwa nguJesu, igama elalishiwo yingelosi unina engakakhulelwa.
“UNkulunkulu owenza umhlaba nakho konke okukuwo, Yena uyiNkosi yezulu nomhlaba, akahlali emathempelini enziwe ngezandla,
“Kepha oPhezukonke akahlali ezindlini ezakhiwe ngezandla, njengokuba esho umphrofethi, ethi:
Kepha umJuda yilowo onguye ngaphakathi, nokusoka kungokwenhliziyo ngomoya, hhayi ngomthetho nje obhaliweyo; okutuswa kwakhe akuveli nje kubantu, kodwa kuNkulunkulu.
Sazi lokhu ukuthi umuntu wethu omdala wabethelwa kanye naye esiphambanweni, ukuze umzimba wesono wenziwe ize, singabe sisakhonza isono,
Ngokuba siyazi ukuthi uma idokodo eliyindlu yethu yasemhlabeni lidilizwa, thina sinesakhiwo esivela kuNkulunkulu, indlu engenziwanga ngezandla, engeyaphakade, esezulwini.
Ngokuba uma umuntu ekuKhristu, uyisidalwa esisha, okwakuqala kudlulile; sekuvele okusha.
Ngiyaphila, kodwa akuseyimi ophilayo, kepha uKhristu ophila kimi, ngakho-ke ukuphila engikuphilayo manje enyameni, ngikuphila ngokukholwa yiNdodana kaNkulunkulu eyangithanda, yazinikela ngenxa yami.
ukuba nikhumule umuntu omdala ongowenkambo yakuqala, owonakele ngenxa yezinkanuko zenkohlakalo,
USimakade uNkulunkulu wakho uyakusoka inhliziyo yakho nenhliziyo yozalo lwakho, ukuze umthande uSimakade uNkulunkulu wakho ngenhliziyo yakho yonke nangawo wonke umphefumulo wakho, ukuze uphile.
Ngokuba singabasokile thina esikhonza ngoMoya kaNkulunkulu, sizigqaja kuKhristu uJesu, asilibekile ithemba lethu enyameni,
Ngakho-ke bulalani amalungu enu asemhlabeni: ubufebe, ukungcola, ukuhuheka, inkanuko embi, umhobholo, nokukhonza izithombe,
Kepha manje uKhristu usefike waba ngumphristi omkhulu wezinto ezinhle ezizayo, wadabula ithabanakeli elikhulu nelipheleleyo, elingenziwanga ngezandla, okusho ukuthi okungesilo elalokhu kudalwa;
Ngokuba uKhristu kangenanga endaweni engcwele eyenziwe ngezandla, engumfanekiso waleyo okuyiyo ngempela, kepha wangena ezulwini uqobo ukuba manje abonakale ebusweni bukaNkulunkulu ngenxa yethu,