ukuze nganhliziyonye nangamlomo munye nidumise uNkulunkulu uYise weNkosi yethu uJesu Khristu.
KwabaseKolose 1:3 - IsiZulu 2020 Simbonga njalo uNkulunkulu uYise weNkosi yethu uJesu Khristu, uma sinikhulekela, IBHAYIBHELI ELINGCWELE Simbonga njalonjalo uNkulunkulu uYise weNkosi yethu uJesu Kristu, nxa sinikhulekela, Baasraak Zulu New Testament Bible Sibonga uNkulunkulu uYise weNkosi yethu uJesu Kristu, sinikhulekela njalo, Contemporary Zulu Bible 2024 Sibonga uNkulunkulu uYise weNkosi yethu uJesu Kristu, sinikhulekela njalo, |
ukuze nganhliziyonye nangamlomo munye nidumise uNkulunkulu uYise weNkosi yethu uJesu Khristu.
Ngimbonga njalo uNkulunkulu wami ngani, ngenxa yomusa wakhe eniwuphiweyo kuKhristu uJesu,
Makabongwe uNkulunkulu uYise weNkosi yethu uJesu Khristu, uYise wobubele bonke, uNkulunkulu wenduduzo yonke,
Ngalokho nami, sengizwile ngokukholwa kwenu eNkosini uJesu nangothando kubo bonke abangcwele,
ngokukhuleka konke nokunxusa, nikhuleka ngezikhathi zonke nikuMoya; kulokho nilinde ngesineke sonke nangokunxusela abangcwele bonke,
Ningakhathazeki ngalutho, kodwa kukho konke izicelo zenu mazaziwe nguNkulunkulu ngomkhuleko, ngokunxusa nangokubonga.
owasikhulula emandleni obumnyama, wasingenisa embusweni weNdodana yothando lwakhe;
Ngakho-ke nathi, kusukela ngosuku esezwa ngalo, asiyeki ukunikhulekela sicela ukuba nigcwaliswe ngolwazi lwentando yakhe kukho konke ukuhlakanipha nokuqonda okungokomoya,
Simbonga njalo uNkulunkulu ngani nonke, sinikhulekela singaphezi emikhulekweni yethu,
Ngiyambonga uNkulunkulu engimkhonzayo ngonembeza omsulwa kusukela kokhokho, njengokuba ngikukhumbula njalo emikhulekweni yami ubusuku nemini,