KwabaseKolose 1:11 - IsiZulu 2020 niqiniswe ngokuqiniswa konke ngokwamandla enkazimulo yakhe, ukuze nikwazi ukuqinisela kukho konke, nibekezela ngokujabula, IBHAYIBHELI ELINGCWELE niqiniswe nokuqiniswa konke ngokwamandla enkazimulo yakhe, kuze kube ngukubekezela konke nokubheka kade ngokujabula; Baasraak Zulu New Testament Bible Niqiniswe ngamandla onke ngokwamandla enkazimulo yakhe, kube kukho konke ukubekezela nokubekezela kanye nentokozo; Contemporary Zulu Bible 2024 Niqiniswe ngamandla onke ngokwamandla enkazimulo yakhe, kube kukho konke ukubekezela nokubekezela kanye nentokozo; |
“Isandla sakho sokunene Simakade siyakhazimula ngamandla, isandla sakho sokunene Simakade sifihlize isitha.
Kuyothiwa ngami: ‘KukuSimakade kuphela ukulunga namandla.’ ” Bonke ababemthukuthelele bayakufika kuye, bajabhe.
Kepha nizakwamukeliswa amandla, uMoya oNgcwele esefikile phezu kwenu, nibe ngofakazi bami eJerusalema, eJudiya lonke naseSamariya, kuze kube sekugcineni komhlaba.”
Ngakho-ke basuka phambi komkhandlu bethokoza, ngokuba betholakale bekufanele ukuthelwa ngehlazo ngenxa yalelo gama.
kulabo okuthe ngokubekezela ekwenzeni okuhle bayifuna inkazimulo nodumo nokungaboli, bafumana ukuphila okuphakade.
Kepha le ngcebo sinayo ezitsheni zebumba, ukuze ubukhulu bamandla obukhulu kakhulu bube ngobukaNkulunkulu, hhayi obuvela kithi.
ukuba ngokwengcebo yenkazimulo yakhe aninike ukuba niqiniswe emandleni kumuntu wangaphakathi ngoMoya wakhe.
nasekwazini ukuzithiba, nasekuzithibeni ukukhuthazela, nasekukhuthazeleni ubunkulunkulu,
Kuye uNkulunkulu munye, uMsindisi wethu ngaye uJesu Khristu iNkosi yethu, makube udumo, nobukhosi, namandla, negunya, kusukela zingakabi bikho izikhathi, namanje, kuze kube phakade. Amen.
Nakhu ukubekezela kwabangcwele abagcina imiyalo kaNkulunkulu nokukholwa nguJesu.