“Ngesikhathi esinqunyiweyo iyakubuya, iye eningizimu, kepha akuyukuba sekugcineni njengasekuqaleni.
KwabaseGalathiya 4:2 - IsiZulu 2020 Iphansi komqaphi nomphathi, kuze kufike isikhathi esamiswa nguyise phambilini. IBHAYIBHELI ELINGCWELE kodwa iphansi kwabaphathi nababonisi, kuze kube yisikhathi esamiswa nguyise ngaphambili. Baasraak Zulu New Testament Bible kodwa iphansi kwabaphathi nababusi kuze kufike isikhathi esamiswa nguyise. Contemporary Zulu Bible 2024 kodwa iphansi kwabaphathi nababusi kuze kufike isikhathi esamiswa nguyise. |
“Ngesikhathi esinqunyiweyo iyakubuya, iye eningizimu, kepha akuyukuba sekugcineni njengasekuqaleni.
Ngokuba umbono usalokhu ungowesikhathi esinqunyiweyo, uyakushesha ufike esiphethweni, awuyukukhohlisa; nakuba uyakubambezeleka, ulinde, ngokuba impela uyakufika, awuyukwephuza.
Uma nihlala kimi, namazwi ami ehlala kini, niyakucela enikuthandayo, nikwenzelwe.
Nakuba ningaba nabafundisi abayizi-10 000 kuKhristu, nokho oyihlo ababaningi, ngokuba yimina enganizala kuKhristu uJesu ngevangeli.
Ngakho umthetho wawungumqaphi wethu osiyisa kuKhristu, ukuze silungisiswe ngokukholwa.
Manje ngithi, ngesikhathi indlalifa iseyingane, ayehlukile neze esigqileni nanxa iyinkosi yakho konke.