Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




KwabaseGalathiya 4:12 - IsiZulu 2020

Ngifuzeni, ngokuba nami nginjengani, ngiyanincenga bazalwane. Aningonanga ngalutho.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Yibani njengami, ngokuba nami nginjengani; bazalwane, ngiyanincenga. Aningonanga ngalutho;

Uka jalj uñjjattʼäta

Baasraak Zulu New Testament Bible

Ngiyanincenga, bazalwane, ukuthi yibani njengami; ngokuba nami nginjengani; aningilimazanga nakanye.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Ngiyanincenga, bazalwane, ukuthi yibani njengami; ngokuba nami nginjengani; aningilimazanga nakanye.

Uka jalj uñjjattʼäta



KwabaseGalathiya 4:12
13 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Siyakuvuma lokho, inqobo nje uma nizoba njengathi, kusoke bonke abesilisa bakini.


Yathi kuJehoshafathi: “Uzohamba yini nami ukuyolwa neRamothi Gileyadi na?” UJehoshafathi wathi enkosini yakwa-Israyeli: “Mina ngifana nawe, abantu bami banjengabantu bakho, namahhashi ami anjengamahhashi akho.”


Babikelwe ngawe ukuthi ufundisa bonke abaJuda, abaphakathi kwabezizwe, ukuhlubuka kuMose, uthi mabangabasoki abantwana babo, futhi bangawagcini amasiko.


Kepha uma kukhona onizwise ubuhlungu, uzwise mina ubuhlungu, ukuze ngingenzi ihaba, unidabukise nonke.


Sikhuluma kini nina baseKhorinte, sikhululekile, inhliziyo yethu ivulekile kini,


kepha ukuze kube khona ukwenana, ngikhuluma kini njengabantwana; nani-ke vulani izinhliziyo zenu.


Kepha lapho ngikubona lokhu ukuthi abahambi ngokufanele iqiniso levangeli, ngathi kuKhefase phambi kwabo bonke: “Uma wena ungumJuda uziphatha njengowezizwe, hhayi njengokwabaJuda, pho baphoqelwani abezizwe ukuba baphile njengabaJuda na?


Nginovalo ngani, funa ngikhandlekele ize ngenxa yenu.


Niyazi ukuthi ngenxa yokuba buthaka enyameni, ngashumayela ivangeli kini okokuqala,


Kepha mina makungabi bikho lutho olunye engizincoma ngalo, ngaphandle kwesiphambano seNkosi yethu uJesu Khristu, okungaye izwe selabethelwa kimi, nami kulo.


Umusa weNkosi yethu uJesu Khristu mawube nomoya wenu, bazalwane. Amen.