Nahlushwa ngazo zonke lezi zinto ngeze na? Phela lokho impela kungabe kwakuyize.
Nahlupheka kangaka ngeze na? uma kambe kungeze.
Ingabe nahlupheka kangaka ngeze na? uba kuseyize.
“Kepha-ke uma olungileyo ephenduka ekulungeni kwakhe, enze okubi, enze nazo zonke izinengiso ezenziwa yizikhohlakali, ngabe uyakuphila yini na? Impela zonke izenzo zakhe ezilungileyo azenzileyo akukho nesisodwa esiyakukhunjulwa, uyakufela eziphambekweni azenzileyo nasezonweni one ngazo.
enisindiswa ngalo uma nibambelela ezwini enganishumayeza lona, ngaphandle kokuba ukukholwa kwenu kwaba yize.
Nilutheke kangako yini ukuba nithi niqale kuMoya, kodwa senigcina ngemisebenzi yenyama na?
Ziqapheleni nina, ukuze ningalahlekelwa yilokho esikusebenzeleyo, kunalokho namukele umvuzo opheleleyo.