Ngalokho-ke, Nkulunkulu wethu, siyakubonga, siyalidumisa igama lakho elitusekayo.
KwabaseGalathiya 1:5 - IsiZulu 2020 Makube udumo kuye kuze kube phakade naphakade. Amen. IBHAYIBHELI ELINGCWELE makube kuye udumo kuze kube phakade. Amen. Baasraak Zulu New Testament Bible Makube kuye inkazimulo kuze kube phakade naphakade. Amen. Contemporary Zulu Bible 2024 Makube kuye inkazimulo kuze kube phakade naphakade. Amen. |
Ngalokho-ke, Nkulunkulu wethu, siyakubonga, siyalidumisa igama lakho elitusekayo.
Makabongwe uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli, kusukela phakade kuze kube phakade. Amen, Amen.
Malibongwe igama lakhe elikhazimulayo kuze kube phakade, umhlaba wonke ugcwale inkazimulo yakhe. Amen, Amen.
Ngakho-ke empumalanga mdumiseni uSimakade, emazweni asogwini likhazimuliseni igama likaSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli.
Nibafundise ukukugcina konke enginiyale ngakho. Niyabona, Mina nginani izinsuku zonke, kuze kube sekupheleni kwezwe.”
ungasingenisi ekulingweni, kodwa usikhulule kokubi; ngokuba umbuso ungowakho, namandla, nenkazimulo, kuze kube phakade. Amen.’
“Udumo kuNkulunkulu kweliphezulu, nokuthula emhlabeni kubantu abathokozelwa nguye.”
Ngokuba konke kuvela kuye, kukhona ngaye, kubuyela kuye; makube kuye inkazimulo kuze kube phakade. Amen.
Kuye uNkulunkulu, Yena yedwa onokwazi, makube kuye inkazimulo ngoJesu Khristu kuze kube phakade. Amen.
Ngakho-ke uma ukudla kumkhubekisa umzalwane wami, angisoze ngayidla inyama kuze kube phakade, ukuze ngingamkhubekisi umzalwane wami.
ukuze thina esethembele kuKhristu ngaphambilini, sibe ludumo lwenkazimulo yakhe.
Manje kuyo iNkosi yaphakade, engabhubhiyo, nengabonwayo; uNkulunkulu munye, makube ludumo nenkazimulo kuze kube phakade naphakade. Amen.
INkosi iyakungihlenga kuyo yonke imisebenzi emibi, ingivikele, ngize ngifinyelele embusweni wayo ezulwini: makube kuyo inkazimulo kuze kube phakade naphakade.
makanihlomise ngakho konke okuhle, ukuze nenze intando yakhe, enza kithina lokho okuthandekayo kuye ngoJesu Khristu; makube kuye inkazimulo, kuze kube phakade naphakade. Amen.
Kepha khulani emseni nasekwazini iNkosi noMsindisi wethu uJesu Khristu. Kuye makube udumo kusukela manje kuze kube usuku lwaphakade. Amen.
Kuye uNkulunkulu munye, uMsindisi wethu ngaye uJesu Khristu iNkosi yethu, makube udumo, nobukhosi, namandla, negunya, kusukela zingakabi bikho izikhathi, namanje, kuze kube phakade. Amen.
Yasho ngezwi elikhulu, ithi: “Mesabeni uNkulunkulu, nimnike udumo, ngokuba ihora lokwehlulela kwakhe selifikile. Mkhonzeni lowo owadala izulu, umhlaba ulwandle, nemithombo yamanzi.”
zithi ngezwi elikhulu: “Ifanele iMvana eyahlatshwa ukwemukela amandla, ingcebo, ukuhlakanipha, ukunqoba, udumo, inkazimulo, nesibusiso.”
“Amen! Udumo, nenkazimulo, nokuhlakanipha, nokubongwa, nokuhlonishwa, namandla, nokunqoba kungokukaNkulunkulu wethu kuze kube phakade naphakade. Amen!”