Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




KwabaseFilipi 4:5 - IsiZulu 2020

Ukubekezela kwenu akwaziwe ngabantu bonke; iNkosi iseduze.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Ukubekezela kwenu akwaziwe ngabantu bonke; iNkosi iseduze.

Uka jalj uñjjattʼäta

Baasraak Zulu New Testament Bible

Ukulinganisela kwenu makwaziwe yibo bonke abantu. INkosi iseduze.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Ukulinganisela kwenu makwaziwe yibo bonke abantu. INkosi iseduze.

Uka jalj uñjjattʼäta



KwabaseFilipi 4:5
25 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

“Ngalokho-ke ngithi kini: ningakhathazeki ngokuphila kwenu ukuthi niyakudlani noma niyakuphuzani, nangomzimba wenu ukuthi niyakwembathani. Ukuphila akukukhulu kunokudla, nomzimba kunesembatho na?


Ngakho-ke ningakhathazeki ngengomuso, ngokuba ingomuso liyakukhathalela okwalo. Inkathazo yosuku yanele lona.”


“Qaphelani, funa izinhliziyo zenu zisindwe ukuminza, ukudakwa, neminako yalokhu kuphila, bese lolo lusuku lunizume,


Uma umuntu engayithandi iNkosi, makabe ngoqalekisiweyo. Woza, Nkosi yethu!


Empeleni kwakhona nje ukuthi niyamangalelana kukhombisa ukuthi niyizehluleki. Kungebe ngcono ngani ukuba kwenziwe okubi kini na? Kungebe ngcono ngani ukuba nani niqolwe na?


Ngakho-ke uma ukudla kumkhubekisa umzalwane wami, angisoze ngayidla inyama kuze kube phakade, ukuze ngingamkhubekisi umzalwane wami.


Bonke abancintisanayo bayazithiba ezintweni zonke; labo bakwenza lokho ukuze bathole umqhele ophelayo, kodwa thina ukuba sithole umqhele ongapheliyo.


Mina Pawula uqobo, ngiyanincenga ngobumnene nangobubele bukaKhristu. Mina engithobile uma ngiphambi kwenu, kodwa uma ngingekho phambi kwenu nginesibindi.


ukuba ningasheshi ukuxoveka emqondweni wenu, futhi ningethuswa noma ngomoya, noma ngezwi, noma ngencwadi okungathi ivela kithi, sengathi usuku lukaKhristu selufikile.


bangahlambalazi muntu, bangabi ngophumasilwe, kodwa babe nenhliziyo enhle, babe mnene kubo bonke abantu.


Singakuyeki ukuhlangana kwethu njengoba kungumkhuba wabanye, kodwa sigqugquzelane, ikakhulu njengokuba nilubona usuku lusondela.


Akusensuku zatshwala afike ozayo, akayukulibala.


Baphenyisisa ukuthi yisiphi, futhi sinjani leso sikhathi esakhonjwa nguMoya kaKhristu owayekubo, efakaza ngaphambilini ngezinhlupheko zikaKhristu nangenkazimulo eyayizakulandela kamuva.


Kepha ukuphela kwezinto zonke sekusondele, ngakho zikhuzeni, nizithibe, ukuze nikhuleke.


Ofakaza ngalezi zinto uthi: “Yebo, ngiyeza masinyane.” Amen. Woza, Nkosi uJesu!


“Bheka, ngiyeza masinyane. Ubusisiwe ogcina amazwi esiphrofetho sale ncwadi.”