Wayesebakhipha abafowabo, bangena indlela. Wathi kubo: “Ningaxabani endleleni.”
KwabaseFilipi 4:2 - IsiZulu 2020 Ngiyabayala o-Ewodiya noSintike ukuba babe nokuqonda okufanayo eNkosini. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngiyamyala u-Evodiya, ngiyamyala noSintike ukuba babe nokuqonda kunye eNkosini. Baasraak Zulu New Testament Bible Ngiyamncenga u-Evodiya noSintike ukuba babe nhliziyonye eNkosini. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngiyamncenga u-Evodiya noSintike ukuba babe nhliziyonye eNkosini. |
Wayesebakhipha abafowabo, bangena indlela. Wathi kubo: “Ningaxabani endleleni.”
“Usawoti muhle, kodwa uma usawoti usuduma, niyakuwubuyisela kanjani ubusawoti bawo na? Yibani nosawoti phakathi kwenu, nihlalisane ngokuthula.”
Bazalwane, ngiyanincenga, ngegama leNkosi yethu uJesu Khristu, ukuba nikhulume ngazwi linye, kungabi bikho ukwahlukana phakathi kwenu, kodwa nipheleliswe ekubumbaneni; nibe mqondo munye, nambono munye.
Phokophelelani ukuthula nabo bonke kanye nokungcweliswa; ongenakho akasoze ayibone iNkosi.