Ungesabi, ngokuba Mina nginawe; ungabi naluvalo, ngokuba Mina nginguNkulunkulu wakho; ngiyakuqinisa, futhi ngiyakusiza, yebo, ngiyakusekela ngesandla sokunene sokulunga kwami.
KwabaseFilipi 4:13 - IsiZulu 2020 Ngingakwenza konke ngaye ongiqinisayo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Nginamandla ukwenza konke ngaye ongiqinisayo. Baasraak Zulu New Testament Bible Ngingakwenza konke ngaye ongiqinisayo. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngingakwenza konke ngaye ongiqinisayo. |
Ungesabi, ngokuba Mina nginawe; ungabi naluvalo, ngokuba Mina nginguNkulunkulu wakho; ngiyakuqinisa, futhi ngiyakusiza, yebo, ngiyakusekela ngesandla sokunene sokulunga kwami.
Kuyothiwa ngami: ‘KukuSimakade kuphela ukulunga namandla.’ ” Bonke ababemthukuthelele bayakufika kuye, bajabhe.
UJesu wayesethi: “Woza.” UPhethro wehla-ke esikebheni, wahamba phezu kwamanzi, waya kuJesu.
Uma nihlala kimi, namazwi ami ehlala kini, niyakucela enikuthandayo, nikwenzelwe.
ukuba ngokwengcebo yenkazimulo yakhe aninike ukuba niqiniswe emandleni kumuntu wangaphakathi ngoMoya wakhe.
niqiniswe ngokuqiniswa konke ngokwamandla enkazimulo yakhe, ukuze nikwazi ukuqinisela kukho konke, nibekezela ngokujabula,
Ngiyambonga uKhristu uJesu iNkosi yethu owangipha amandla, wangibona ngethembekile, wangiqokela emsebenzini wakhe,