KwabaseFilipi 3:17 - IsiZulu 2020 Bazalwane, ngilingiseni, futhi nibabhekisise abahamba njengathi esiyisibonelo kini. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngilingiseni, bazalwane, nibabhekisise abahamba njengathi esiyisibonelo kini. Baasraak Zulu New Testament Bible Bazalwane, yibani ngabalingisi bami kanyekanye, niqaphele abahamba kanjalo njengokuba ninesibonelo kithi. Contemporary Zulu Bible 2024 Bazalwane, yibani ngabalingisi bami kanyekanye, niqaphele abahamba kanjalo njengokuba ninesibonelo kithi. |
Ngiyanincenga, bazalwane, ukuba nibaqaphele abadala ukwahlukana nabaphazamisa imfundiso enafundiswa yona, nihlukane nabo,
Enakufunda, nakwemukela, nakuzwa, nakubona kimi, kwenzeni konke lokho; uNkulunkulu wokuthula uyakuba nani.
Nani naba ngabalingisa thina neNkosi, ngokuba nanxa nahlushwa kanzima, kodwa nalemukela izwi ngenjabulo evela kuMoya oNgcwele,
Kepha uma kukhona ongalilaleli izwi lethu kule ncwadi, mphawuleni lowo, ningahlanganyeli naye, ukuze abe namahloni,
Ngokuba nina luqobo niyazi ukuthi kubaluleke kanjani ukuba nisilingise, ngokuba asizange sibe ngabavilaphayo lapho sinani.
hhayi ngoba sasingenalo ilungelo lalokho, kodwa ukuze sibe yisibonelo kini sokuba nani nisilingise.
Makungabi bikho muntu owedelela ubusha bakho, kodwa yiba yisibonelo kwabakholwayo ngokukhuluma, ngokuziphatha, ngothando, ngokukholwa nangokuhlanzeka.
Khumbulani ababenihola, bekhuluma izwi likaNkulunkulu; nazi umphumela wokuhamba kwabo, nilingise ukukholwa kwabo.
Makungabi njengabazenza amakhosi phezu kwalabo enibaphathisiwe ukubanakekela, kodwa nibe yizibonelo emhlanjini.