Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




KwabaseFilipi 3:11 - IsiZulu 2020

mhlawumbe ngingaze ngifinyelele ekuvukeni kwabafileyo.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

uma mhlawumbe ngingaze ngifinyelele ekuvukeni kwabafileyo,

Uka jalj uñjjattʼäta

Baasraak Zulu New Testament Bible

uba mhlawumbe ngifinyelele ekuvukeni kwabafileyo.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

uba mhlawumbe ngifinyelele ekuvukeni kwabafileyo.

Uka jalj uñjjattʼäta



KwabaseFilipi 3:11
17 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Impela umuntu angemhlenge umfowabo, noma amhlawulele kuNkulunkulu.


uyakubusiswa, ngokuba abananto yokukubuyisela, kepha uyakuthola umvuzo ekuvukeni kwabalungileyo.”


UMartha wathi kuye: “Ngiyazi ukuthi uyakuvuka ekuvukeni ngomhla wokuphela.”


UPawula azi ukuthi bangamaqembu, enye ingxenye ingeyabaSadusi, enye ingeyabaFarisi, wayesememeza emkhandlwini, wathi: “Madoda, bazalwane, mina ngingumFarisi, nendodana yomFarisi, ngibekwe icala lokuthi nginethemba lokuvuka kwabafileyo.”


isithembiso ezithemba ukufinyelela kuso izizwe zakithi ezili-12 ezikhonza ngesineke ubusuku nemini. Kungalelo themba, nkosi, ngimangalelwe ngabaJuda.


Kepha itheku lakhona lalingakulungele ukuba kuhlalwe kulo ebusika, iningi labo laphakamisa ukuba kusukwe lapho, hleze kwenzeke bafike eFenikisi, itheku eKhrethe elibheke entshonalanga yaseningizimu, nasentshonalanga ngasenyakatho bahlale khona kuze kwedlule ubusika.


uma nje kungenzeka ukuba ngivuse isikhwele kulabo abangabesizwe sakithi, ngisindise abanye babo.


Kepha yilowo nalowo ngokwesigaba sakhe: uKhristu kuqala, bese kuba ngabakaKhristu ekubuyeni kwakhe,


Kwababuthakathaka ngaba buthakathaka, ukuze ngizuze ababuthakathaka. Sengaba yikho konke kubo bonke, ukuze ngakho konke ngisindise abanye.


Ngiyawutuba umzimba wami, ngiwenza isigqila, ukuba mina engishumayeza abanye ngingaliwa mina luqobo, kuthiwe angifanele.


Kepha nginovalo ukuthi njengalokho inyoka yamkhohlisa u-Eva ngobuqili bayo, kanjalo izingqondo zenu mhlawumbe zedukiswe, ziyeke ubuqotho nobumhlophe kuKhristu.


Ngakho-ke nami lapho sekungiphelele ukubekezela, ngathumela ukuba ngazi ngokukholwa kwenu, funa kambe umlingi wanilinga, bese ukukhandleka kwethu kuba yize.


Makungabi bikho muntu onikhohlisayo noma ngayiphi indlela, ngokuba aluyukufika usuku kungakafiki kuqala ukuhlubuka, nokwembulwa komuntu ongenamthetho, indodana yembubhiso,


manje sengibekelwe umqhele wokulunga eyakungipha wona ngalolo lusuku iNkosi, umehluleli olungileyo, kungeyimi ngedwa, kodwa bonke abakuthandile ukubonakala kwayo.


Abesifazane babuyiselwa abakubo ababefile sebevusiwe,


Abafileyo ababesele abavukanga, kwaze kwaphela iminyaka eyinkulungwane. Lokhu kungukuvuka kokuqala.