Wayesesuka uMoridekhayi wayobikela indlovukazi u-Esteri, yona yabikela inkosi ngaleyo ndaba eyayiyitshelwe nguMoridekhayi.
KwabaseFilipi 2:4 - IsiZulu 2020 Yilowo nalowo anganaki okungokwakhe, kodwa anake nokwabanye. IBHAYIBHELI ELINGCWELE yilowo nalowo angabheki okwakhe, kepha yilowo abheke nokwabanye. Baasraak Zulu New Testament Bible Yilowo nalowo angabheki okwakhe, kepha yilowo nalowo abheke nokwabanye. Contemporary Zulu Bible 2024 Yilowo nalowo angabheki okwakhe, kepha yilowo nalowo abheke nokwabanye. |
Wayesesuka uMoridekhayi wayobikela indlovukazi u-Esteri, yona yabikela inkosi ngaleyo ndaba eyayiyitshelwe nguMoridekhayi.
UMose wathi kwabozalo lukaGadi nabolukaRubeni: “Kuyothi lapho abafowenu beyohlasela, nina nihlale lapha na?
“Kepha okhubekisa abe munye kulaba abancinyane abakholwa yimi, kungcono kuye ukuba itshe elikhulu lokusila ligaxwe entanyeni yakhe, azikiswe ekujuleni kolwandle.
Kepha thina esinamandla sifanele ukuthwala ubuthakathaka balabo abangenamandla, singazithokozisi thina.
Ngubani obuthakathaka, nami ngingabi buthakathaka na? Ngubani okhubekiswayo, ngingamzweli ubuhlungu na?
Kepha uma niwugcina umthetho wobukhosi njengokombhalo othi: “Wothanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena,” nenza kahle.