Wamgibelisa enqoleni yempi egitshelwa yilowo ongowesibili emva kwakhe, bamemeza phambi kwakhe, bathi: “Guqani!” UFaro wambeka ngaleyo ndlela-ke uJosefa, ukuba abe ngumbusi walo lonke iGibhithe.
KwabaseFilipi 2:10 - IsiZulu 2020 ukuze kuthi ngegama likaJesu amadolo wonke aguqe, awabasezulwini, nawabasemhlabeni, nawabangaphansi komhlaba IBHAYIBHELI ELINGCWELE ukuze kuthi ngegama likaJesu amadolo onke aguqe, awabasezulwini, nawabasemhlabeni, nawabangaphansi komhlaba, Baasraak Zulu New Testament Bible ukuze ebizweni likaJesu amadolo onke aguqe, awabasezulwini, nawabasemhlabeni, nawabangaphansi komhlaba; Contemporary Zulu Bible 2024 ukuze ebizweni likaJesu amadolo onke aguqe, awabasezulwini, nawabasemhlabeni, nawabangaphansi komhlaba; |
Wamgibelisa enqoleni yempi egitshelwa yilowo ongowesibili emva kwakhe, bamemeza phambi kwakhe, bathi: “Guqani!” UFaro wambeka ngaleyo ndlela-ke uJosefa, ukuba abe ngumbusi walo lonke iGibhithe.
Njengalokhu uJona wayesesiswini somkhomo izinsuku ezintathu nobusuku obuthathu, kanjalo-ke neNdodana yomuntu iyakuba semathunjini omhlaba izinsuku ezintathu nobusuku obuthathu.
eluka umqhele wameva, awufaka ekhanda, amphathisa umhlanga esandleni sakhe sokunene, aguqa ngamadolo phambi kwakhe, ambhinqa, athi: “Bayede, nkosi yabaJuda!”
UJesu wasondela, wakhuluma kubo, wathi: “Ngiphiwe amandla wonke ezulwini nasemhlabeni.
Kepha ithini impendulo kaNkulunkulu kuye na? Ithi: “Ngizishiyele amadoda ayizi-7 000 angazange amkhothamele uBhali.”
azokuphelelisa ngesikhathi esifanele, ukuhlanganisa konke kuKhristu, konke okusezulwini nokusemhlabeni;
Kusho ukuthini ukuthi wenyuka, uma kungesikho ukuthi wehlela ezindaweni zomhlaba eziphansi na?
Mhla futhi eletha izibulo emhlabeni uthi: “Izingelosi zonke zikaNkulunkulu mazikhuleke kuye.”
Nolwandle lwakhipha abafileyo abakulo, ukufa neHayidesi nakho kwakhipha abafileyo ababekukho, bahlulelwa, kwaba yilowo nalowo njengokwemisebenzi yakhe.
amalunga angama-24 awe phansi, athi mbo ngobuso phansi, phambi kwakhe ohleli esihlalweni sobukhosi, akhuleka kuye ophilayo kuze kube phakade, aphonse imiqhele yawo phambi kwesihlalo sobukhosi, ethi:
Kwakungekho namunye ezulwini nasemhlabeni, nangaphansi komhlaba owayenamandla okuyivula incwadi, nokuba nje abuke kuyo.