Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




KwabaseFilipi 1:8 - IsiZulu 2020

UNkulunkulu ungufakazi wami ukuthi nginilangazelela kangakanani nonke ngenxa yesihe sikaJesu Khristu.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Ngokuba uNkulunkulu ungufakazi wami wokuthi nginilangazelela kangakanani nonke ngesihe sikaJesu Kristu.

Uka jalj uñjjattʼäta

Baasraak Zulu New Testament Bible

Ngoba uNkulunkulu ungumfakazi wami wokuthi ngililangazelela kangakanani lonke ngenhliziyo kaJesu Kristu.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Ngoba uNkulunkulu ungumfakazi wami wokuthi ngililangazelela kangakanani lonke ngenhliziyo kaJesu Kristu.

Uka jalj uñjjattʼäta



KwabaseFilipi 1:8
24 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ngisho manje, ufakazi wami usezulwini, ummeli wami usezindaweni eziphakemeyo.


Ngakho-ke ingaphakathi lami likhala njengehabhu ngoMowabi, nomphefumulo wami, ngeKhiri Heresi.


Bheka usezulwini, ubone usendaweni yobukhosi bakho neyodumo lwakho: kuphi ukushisekela kwakho, nemisebenzi yakho yamandla na? Ukuvutha kwesihe sakho nobumnene bakho kugodliwe kimi.


Ngabe u-Efrayimi uyindodana yami ethandekayo na? Ngabe uyingane engithokoza ngayo na? Nakuba ngivame ukukhuluma kabi ngaye, nokho ngisamkhumbula. Ngakho-ke izibilini zami ziyamhawukela; ngiyakuba nesihe impela kuye,” kusho uSimakade.


ngemisesane yesihawu sikaNkulunkulu wethu esihanjelwe ngakho ukukhanya okuvela phezulu,


Ngokuba uNkulunkulu, engimkhonzayo ngenhliziyo yami yonke ngokulishumayela ivangeli leNdodana yakhe, ungufakazi wami, ukuthi nginikhumbula njalo


Ngikhuluma iqiniso ngikuKhristu, angiqambi manga, unembeza wami ufakazelana nami kuMoya oNgcwele,


Ngokuba siyajabula lapho sibuthakathaka, nina ninamandla, yilokhu esikukhulekelayo, ukuba nipheleliswe.


asinigodleli uthando lwethu, kodwa anisivulelanga ingaphakathi lenu,


Inhliziyo yakhe inilangazelela kakhulu uma ekhumbula ukulalela kwenu nonke nokuthi namemukela kanjani ngokwesaba nangokuthuthumela.


Manje-ke, izinto enginilobela zona, phambi kukaNkulunkulu, azisiwona amanga.


Ngokuba nonke ningabantwana bakaNkulunkulu ngokukholwa kuJesu Khristu.


Bantwana bami, enginezinseka ngani, uKhristu aze abunjwe kini;


Ngakho-ke uma kukhona induduzo kuKhristu, uma kukhona ukududuzeka ngothando, uma kukhona inhlanganyelo kaMoya, uma kukhona isisa nesihawu,


Lokhu ulangazelela ukunibona nonke, ukhathazekile ngenxa yokuba nizwile ukuthi ubegula.


Ngakho-ke bazalwane bami abathandekayo nengibalangazelela kakhulu, ntokozo yami nomqhele wami, yimani nigxile eNkosini, bathandwa.


Ngiyathanda ukuba nazi ukuthi nginikhandlekela kakhulu kangakanani nina nabaseLawodikheya nabo bonke abangakaze bangibone ngamehlo,


Ngakho-ke njengabakhethiweyo bakaNkulunkulu, abangcwele nabathandekayo, yembathani ububele enhliziyweni; isisa, ukuzithoba, ubumnene, nokuqinisela ekuhluphekeni;


Ngokuba asizange sibe namazwi okuthopha, njengokuba nazi, futhi asikaze sibe nobuqili bobugovu; uNkulunkulu ungufakazi.


Kanjalo njengoba besinilangazelela, sakuthokozela ukwedlulisela kini, hhayi nje ivangeli likaNkulunkulu kuphela, kodwa ngisho thina uqobo, ngokuba nase ningabathandekayo kithi.


ngilangazelela ukukubona; ngikhumbula izinyembezi zakho, ukuze ngigcwaliswe ngentokozo.


Ngimthumele kuwe, yena oyinhliziyo yami,


Yebo, mfowethu, sengathi ngingakufumana lokhu kuwe eNkosini. Hlumelela inhliziyo yami kuKhristu.


Kepha uma umuntu enengcebo yezwe, bese ebona umzalwane wakhe eswele, angamenzeli sihawu, uthando lukaNkulunkulu lungahlala kanjani kuye na?