“Lokho ngikukhulume kini ukuba nibe nokuthula ngami. Emhlabeni niyakuba lusizi, kodwa yimani isibindi, Mina ngiwunqobile umhlaba.”
KwabaseFilipi 1:30 - IsiZulu 2020 lokhu nani-ke nisalwa leyo mpi enangibona ngiyilwa, namanje nizwile ukuthi ngisayibambile. IBHAYIBHELI ELINGCWELE nikukho khona lokho kulwa enakubona kimina, nakalokhu nizwa ukuthi kukimina. Baasraak Zulu New Testament Bible Nilokulwa okufanayo enakubona kimi, nezwa manje ukuthi ukimi. Contemporary Zulu Bible 2024 Nilokulwa okufanayo enakubona kimi, nezwa manje ukuthi ukimi. |
“Lokho ngikukhulume kini ukuba nibe nokuthula ngami. Emhlabeni niyakuba lusizi, kodwa yimani isibindi, Mina ngiwunqobile umhlaba.”
Kwaze kwabacacela bonke abasendaweni yokwahlulela nabo bonke abanye, ukuthi ukuboshwa kwami kungenxa kaKhristu.
engiyisebenzelayo futhi ngokukhandleka, ngilwa ngokusebenza kwakhe okusebenza kimi ngamandla.
Ngiyathanda ukuba nazi ukuthi nginikhandlekela kakhulu kangakanani nina nabaseLawodikheya nabo bonke abangakaze bangibone ngamehlo,
Kepha noma sasihlushiwe phambilini, futhi saphathwa kabi eFiliphi, njengokuba nazi, nokho saba nesibindi kuNkulunkulu wethu, sanishumayeza ivangeli likaNkulunkulu, sibhekene nobunzima obukhulu.
Yilwa ukulwa okuhle kokukholwa, ubambelele ekuphileni okuphakade owabizelwa kukho, wakuvuma ukuvuma okuhle phambi kofakazi abaningi.
Ngakho-ke nathi, njengalokhu sinefu elingaka lawofakazi abasihaqileyo, masilahle konke okusindayo nesono esithandela kangaka kithi, sigijime ngokubekezela kulokhu kuncintisana esikumiselweyo,
Bamnqobile ngegazi leWundlu nangezwi lobufakazi babo, ngokuba abathandanga ukuphila kwabo kwaze kwaba sekufeni.