Kepha makabongwe uNkulunkulu ukuthi nina enaniyizinceku zesono, senilalela ngenhliziyo indlela yemfundiso enanikelwa kuyo,
KwabaseFilipi 1:3 - IsiZulu 2020 Ngiyambonga uNkulunkulu wami ngezikhathi zonke enginikhumbula ngazo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngiyambonga uNkulunkulu wami ekunikhumbuleni kwami konke Baasraak Zulu New Testament Bible Ngiyambonga uNkulunkulu wami kukho konke ukunikhumbula; Contemporary Zulu Bible 2024 Ngiyambonga uNkulunkulu wami kukho konke ukunikhumbula; |
Kepha makabongwe uNkulunkulu ukuthi nina enaniyizinceku zesono, senilalela ngenhliziyo indlela yemfundiso enanikelwa kuyo,
Ngimbonga njalo uNkulunkulu wami ngani, ngenxa yomusa wakhe eniwuphiweyo kuKhristu uJesu,
Kodwa singambonga ngani uNkulunkulu ngokuthokoza konke esithokoza ngakho ngenxa yenu phambi kukaNkulunkulu wethu na?
Simelwe ukumbonga njalo uNkulunkulu ngani bazalwane, njengokuba kufanele, ngokuba ukukholwa kwenu kuyanda kakhulu, kanjalo futhi luyanda nothando lwenu nonke enithandana ngalo omunye nomunye.
Ngiyambonga uNkulunkulu engimkhonzayo ngonembeza omsulwa kusukela kokhokho, njengokuba ngikukhumbula njalo emikhulekweni yami ubusuku nemini,