KwabaseFilipi 1:28 - IsiZulu 2020 Maningethuswa ngalutho yilabo abamelene nani, okuyisiboniso kubo sokubhubha kwabo, kodwa nina niyakusindiswa; lokhu impela kuvela kuNkulunkulu. IBHAYIBHELI ELINGCWELE ningethuswa ngalutho ngabamelene nani, okuyisiboniso sokubhubha kubona kepha ngesokusindiswa kwenu; lokhu-ke kuvela kuNkulunkulu. Baasraak Zulu New Testament Bible ningethuswe ngalutho ngabamelene nani, okuwuphawu lokubhubha kubo, kodwa kinina lwensindiso, nolukaNkulunkulu. Contemporary Zulu Bible 2024 ningethuswe ngalutho ngabamelene nani, okuwuphawu lokubhubha kubo, kodwa kinina lwensindiso, nolukaNkulunkulu. |
Onikela ngomnikelo wokubonga uyangidumisa, oqaphela indlela yakhe ngiyakumbonisa insindiso kaNkulunkulu.”
UNkulunkulu uyinsindiso yami; ngiyakumethemba, angiyukwesaba, ngokuba uSimakade, Yena ungamandla ami nezikhwepha zami; uyinsindiso yami.”
“Mina, Mina nginguye oniduduzayo; ungubani wena ukuba wesabe umuntu ofayo, nendodana yomuntu eyenziwe yanjengotshani na?
“Ngilaleleni nina enazi ukulunga, nina bantu abamthetho wami usezinhliziyweni zabo; ningakwesabi ukusolwa ngabantu, ningapheli amandla lapho benithuka.
Ningabesabi ababulala umzimba bengenamandla okubulala umphefumulo, kepha kakhulu mesabeni onamandla okubhubhisa umphefumulo nomzimba esihogweni.
Lapho esefikile Yena, uyokulambulela izwe ukuthi leduke kangakanani mayelana nesono, nangokulunga, nangokwahlulela.
“Ngakho-ke makwazeke kini ukuthi le nsindiso kaNkulunkulu ithunyelwe kwabezizwe; bona-ke bayakulalela.”
Uma-ke singabantwana, siyizindlalifa futhi; izindlalifa zikaNkulunkulu, nezindlalifa kanye noKhristu, uma nje sihlupheka kanye naye, ukuze futhi sikhazimuliswe kanye naye.
Kepha noma sasihlushiwe phambilini, futhi saphathwa kabi eFiliphi, njengokuba nazi, nokho saba nesibindi kuNkulunkulu wethu, sanishumayeza ivangeli likaNkulunkulu, sibhekene nobunzima obukhulu.
ukuze sisho ngesibindi, sithi: “INkosi ingumsizi wami, angiyukwesaba; umuntu angangenzani na?”
Ungakwesabi lokho ozakuhlupheka ngakho. USathane uzakubaphonsa ejele abanye benu ukuze nilingwe, futhi nizakuhlupheka izinsuku ezilishumi. Thembekani kuze kube sekufeni, ngizakuninika umqhele wokuphila.