UDavide wayesethi kuGadi: “Nginosizi kakhulu; kungcono siwele esandleni sikaSimakade, ngokuba umusa wakhe mkhulu. Kepha mangingaweli neze esandleni somuntu.”
KwabaseFilipi 1:23 - IsiZulu 2020 Manje ngimanqikanqika; nginesifiso sokumuka ngibe noKhristu, ngokuba yilokho okuhle kakhulu; IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kepha ngiphakathi kokubili; nginesifiso sokumuka ngibe noKristu, ngokuba yikhona okuhle kakhulu; Baasraak Zulu New Testament Bible Ngokuba ngicindezelekile phakathi kokubili, nginesifiso sokumuka ngiyekuba noKristu; okuyinto engcono kakhulu: Contemporary Zulu Bible 2024 Ngokuba ngicindezelekile phakathi kokubili, nginesifiso sokumuka ngiyekuba noKristu; okuyinto engcono kakhulu: |
UDavide wayesethi kuGadi: “Nginosizi kakhulu; kungcono siwele esandleni sikaSimakade, ngokuba umusa wakhe mkhulu. Kepha mangingaweli neze esandleni somuntu.”
Kepha mina ngizobuka ubuso bakho ekulungeni, ngeneliswe ngubunjalo bakho lapho ngivuka.
Kepha uNkulunkulu uyakuwukhulula umphefumulo wami esandleni sendawo yabafileyo, ngokuba uyakungamukela. Sela
Nginombhabhadiso engizakubhabhadiswa ngawo; ngikhathazekile kakhulu, uze ufezeke.
Indoda okwakuphume kuyo amadimoni yamnxusa ukuba ahambe nayo, kodwa wayibuyisela emuva, ethi:
Uma umuntu efuna ukungikhonza, makangilandele; lapho ngikhona Mina, siyakuba khona lapho nesikhonzi sami. Uma umuntu engikhonza, uBaba uyakumazisa.
Kwathi sekuzakuba nguMkhosi wePhasika uJesu azi ukuthi sesifikile isikhathi sakhe sokuba amuke kulo mhlaba aye kuYise, kepha wayebathandile abangabakhe abasemhlabeni kwaze kwaba sekugcineni.
Nakuba ngiya ukunilungisela indawo, ngiyobuye ngize, nginilande ukuze nani nibe lapho ngikhona.
“Baba, ngithanda ukuba labo ongiphe bonababe nami lapho ngikhona, ukuze bayibone inkazimulo yami ongiphe yona, ngokuba wangithanda umhlaba ungakasekelwa.
UStefani bamkhanda ngamatshe, yena ekhuleka, ethi: “Nkosi uJesu, yemukela umoya wami.”
Simi isibindi, singathanda ukwehlukana nekhaya elisemzimbeni, ukuba sibe sekhaya eliseNkosini.
Ngenxa yalokhu, nathi sibonga uNkulunkulu singaphezi, ngokuba nithe ukulamukela izwi likaNkulunkulu enalizwa ngathi, anilamukelanga njengezwi labantu, kodwa njengoba liyizwi likaNkulunkulu isibili, elisebenza kini nina enikholwayo.
Lapho-ke, thina esisaphila, sisele, siyakuhlwithwa kanye nabo emafini, sihlangane neNkosi emoyeni. Siyakuhlala nayo njalo iNkosi.
Ngase ngizwa izwi livela ezulwini, lithi: “Loba ukuthi: babusisiwe abafileyo abafele eNkosini, kusukela manje.” “Yebo,” kusho uMoya, “ukuze baphumule emisebenzini yabo, ngokuba imisebenzi yabo iyabalandela.”