Nalapho nibingelela abafowenu kuphela, yini ebalulekile eniyenzayo ngalokho na? Kanti abenzi yini kanjalo nabezizwe na?
KuThithu 3:15 - IsiZulu 2020 Bonke abanami bayakhonza kuwe. Khonza kwabasithandayo ekukholweni. Umusa mawube nani nonke. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Bonke abanami bayakhonza kuwe. Khonza kwabasithandayo ekukholweni. Umusa mawube nani nonke. Baasraak Zulu New Testament Bible Bonke abanami bayakhonza kuwe. Bingelela abasithandayo ekukholweni. Umusa mawube nani nonke. Amen. (Yabhalelwa uThithu, owagcotshwa umbhishobhi wokuqala webandla lamaKrethe, waseNikopoli yaseMakedoniya.) Contemporary Zulu Bible 2024 Bonke abanami bayakhonza kuwe. Bingelela abasithandayo ekukholweni. Umusa mawube nani nonke. Amen. (Yabhalelwa uThithu, owagcotshwa umbhishobhi wokuqala webandla lamaKrethe, waseNikopoli yaseMakedoniya.) |
Nalapho nibingelela abafowenu kuphela, yini ebalulekile eniyenzayo ngalokho na? Kanti abenzi yini kanjalo nabezizwe na?
Nina niyazi ukuthi ngazisebenzela ngalezi zandla zami ukwenelisa izidingo zami nezalabo enganginabo.
Lo mkhonzo ngiwubhale ngesandla sami, mina Pawula. Khumbulani izibopho zami. Umusa mawube nani.
kuThimothewu, umntanami isiminya okholweni: makube kuwe umusa, ububele nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba nakuKhristu uJesu iNkosi yethu.
Kepha umgomo womyalo wuthando oluvela enhliziyweni ehlanzekileyo, nakunembeza omuhle, nasekukholweni okungazenzisiyo.
ngokuba ngiyezwa ngothando nokukholwa onakho eNkosini uJesu, nakubo bonke abangcwele.