KuThithu 2:6 - IsiZulu 2020 Kanjalo bayale nabesilisa abasebasha ukuba babe ngabanengqondo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngokunjalo ubayale abesilisa abasha ukuba babe ngabaqondileyo, Baasraak Zulu New Testament Bible Ngokunjalo amajaha ayale ukuthi ahluze. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngokunjalo amajaha ayale ukuthi ahluze. |
Jabula nsizwa ebusheni bakho, inhliziyo yakho ayikujabulise ezinsukwini zobusha bakho. Landela izindlela zenhliziyo yakho, nakho konke okubonwa ngamehlo akho, kodwa khumbula ukuthi uNkulunkulu uzokwehlulela ngazo zonke lezo zinto.
Khumbula uMdali wakho ezinsukwini zobusha bakho, zingakafiki izinsuku ezimbi, neminyaka ingakasondeli oyothi ngayo: “Angithokozi.”
“Kuyakuthi kamuva ngithululele uMoya wami phezu kwabo bonke abantu. Amadodana namadodakazi enu ayakuphrofetha, abadala benu baphuphe amaphupho, izinsizwa zenu zibone imibono.
Ungayikhaci indoda endala, kodwa yiyale njengoyihlo, abesilisa abasebasha njengabafowenu,
Kanjalo nani zinsizwa, thobelani amalunga, kodwa nonke yembathani ukuthobeka, nithobelane, ngokuba uNkulunkulu umelene nabazidlayo, kodwa abathobekileyo ubapha umusa.
Ngilobela nina boyise, ngokuba niyamazi Yena okhona kwasekuqaleni. Ngilobela nina zinsizwa, ngokuba nimnqobile omubi.