KuThithu 2:15 - IsiZulu 2020 Khuluma ngalokho, ugqugquzele, ukhuze ngawo wonke amandla. Makungabi bikho namunye okwedelelayo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Khuluma lokho, uyale, ukhuze ngamandla onke. Ungadelelwa muntu. Baasraak Zulu New Testament Bible Khuluma lezizinto, uyale, ukhuze ngawo wonke amandla. Makungabikho muntu okudelelayo. Contemporary Zulu Bible 2024 Khuluma lezizinto, uyale, ukhuze ngawo wonke amandla. Makungabikho muntu okudelelayo. |
Abantu bamangaliswa ngukufundisa kwakhe, ngokuba wayebafundisa njengonegunya, hhayi njengezazimthetho.
Bonke bethuka, babuzana bodwa, bathi: “Kuyini lokhu na? Yisifundiso esisha, esinegunya; uyala ngisho nomoya abangcolileyo, bamlalele.”
Bonke bafikelwa ngukwesaba, bakhuluma bodwa, bathi: “Lizwi lini leli, ngokuba ukhuluma ngegunya namandla, ukhuza imimoya engcolileyo, iphume na?”
ngakho-ke makungabi bikho omedelelayo. Uma esehamba anomkhapha ngokuthula endleleni, ngokuba ngimlindele yena nabazalwane.
shumayela izwi, ulungele ukulishumayela, noma kuyisikhathi noma kungesiso. Sola, ukhuze, ugqugquzele ngakho konke ukubekezela nokufundisa.
Uma umuntu ekhuluma, makakhulume ngokwamazwi avela kuNkulunkulu. Uma umuntu ekhonza, makakhonze njengokwamandla awanikwa nguNkulunkulu, ukuze uNkulunkulu adunyiswe kukho konke ngoJesu Khristu okukuye inkazimulo namandla kuze kube phakade naphakade. Amen.