futhi ngimqokile ukuba afundise abantwana bakhe nabendlu yakhe, ukuba bagcine umyalo kaSimakade ngokwenza ukulunga nobulungiswa, ukuze uSimakade akufeze lokho amethembise khona.”
KuThithu 1:6 - IsiZulu 2020 uma kungumuntu ongasolekiyo, indoda emfazi munye, enabantwana abakholwayo, abangasoleki ngokungabi nasimilo nangokungalaleli. IBHAYIBHELI ELINGCWELE uma kukhona ongasolekiyo, indoda emfazi munye, enabantwana abakholwayo abangenakusolwa ngokushinga nabangalaleliyo. Baasraak Zulu New Testament Bible uma ekhona ongasolekiyo, eyindoda emfazi munye, enabantwana abakholwayo abangabekwa icala lokungalaleli noma abangalaleli. Contemporary Zulu Bible 2024 uma ekhona ongasolekiyo, eyindoda emfazi munye, enabantwana abakholwayo abangabekwa icala lokungalaleli noma abangalaleli. |
futhi ngimqokile ukuba afundise abantwana bakhe nabendlu yakhe, ukuba bagcine umyalo kaSimakade ngokwenza ukulunga nobulungiswa, ukuze uSimakade akufeze lokho amethembise khona.”
Ogcina umthetho uyindodana ehlakaniphileyo, kanti ongumngani weziminzi uhlazisa uyise.
Abayukumthatha umfelokazi nolahliweyo babe ngabafazi babo, kodwa bayakuthatha izintombi ozalweni lwendlu yakwa-Israyeli, noma umfelokazi obegane umphristi.
Akayukuganwa ngumfelokazi noma ngolahlwe yindoda noma owesifazane okhohlakele, nesifebe, kodwa uyothatha intombi phakathi kwabantu bakubo, ibe ngumkakhe.
“ ‘Abanakuthatha owesifazane oyisifebe nowonakeleyo, noma owesifazane olahlwe yindoda yakhe, ngokuba umphristi ungcwele kuNkulunkulu wakhe.
“Kanti uSimakade akabenzanga yini baba nyamanye na? Emoyeni nasenyameni bangabakhe. Kungani babe munye na? Wayefuna ulibo olunobuNkulunkulu. Ngakho-ke qaphela enhliziyweni yakho, ukuba ungamkhohlisi unkosikazi wobusha benu.
Kwakukhona emihleni kaHerode inkosi yaseJudiya, umphristi othile, ogama lakhe nguZakhariya, esigabeni sika-Abhiya, nomkakhe engowamadodakazi ka-Aroni, igama lakhe ngu-Elizabethe.
Bazalwane, siyanikhuthaza futhi niwayale amavila; duduzani abajabhileyo, nisekele ababuthakathaka, futhi nibabekezelele bonke.
siyazi lokhu, ukuthi umthetho awubekelwanga olungileyo, kodwa abahlubukayo, abangamesabi uNkulunkulu, izoni ezihlazisayo, abadumazayo, ababulala oyise nonina, ababulala abantu,
Amadikoni mawabe mfazi munye, akwazi ukuphatha kahle abantwana bawo nemizi yawo.
Ngokuba baningi abamelene neqiniso, abakhuluma okuyize, nabakhohlisayo, ikakhulu abokusoka,
U-Elikhana waphindela eRama, endlini yakhe. Umntwana wakhonza uSimakade phansi kweso lika-Eli.
U-Eli wayesemdala kakhulu, wezwa ngakho konke amadodana akhe ayekwenza kwa-Israyeli, nokuthi ayelala nabesifazane ababekhonza ngasemnyango wethende lokuhlangana.