KuThithu 1:4 - IsiZulu 2020 KuThithu, umntanami, ngokweqiniso ekukholweni esikuhlanganyele sonke: makube kuwe umusa nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba nakuKhristu uJesu uMsindisi wethu. IBHAYIBHELI ELINGCWELE kuThithu, umntanami ngempela ngokokukholwa esikuhlanganyele sonke: Makube kuwe umusa nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba nakuKristu Jesu uMsindisi wethu. Baasraak Zulu New Testament Bible kuThithu, indodana yami uqobo ngokokholo esiluhlanganisile: Makube umusa, nesihawu, nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba naseNkosini uJesu Kristu uMsindisi wethu. Contemporary Zulu Bible 2024 kuThithu, indodana yami uqobo ngokokholo esiluhlanganisile: Makube umusa, nesihawu, nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba naseNkosini uJesu Kristu uMsindisi wethu. |
Base bethi kowesifazane: “Asisakholwa ngenxa yokuba sitshelwe nguwe, kodwa sesizizwele ngokwethu, sesiyazi ukuthi lo impela unguMsindisi wezwe.”
kubo bonke abathandiweyo bakaNkulunkulu abaseRoma, ababizwa ngabangcwele: makube kini umusa nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba wethu naseNkosini uJesu Khristu.
Ngamnxusa uThithu, ngathumela kanye naye umzalwane. UThithu wake waniqola yini na? Asihambanga ngamoya munye, nangendlela efanayo yini na?
nokho angibanga nakho ukuthula emoyeni wami lapho ngingamfumani uThithu umzalwane wami, kodwa ngavalelisa, ngadlulela eMakhedoniya.
Njengalokhu sinawo lowo moya wokukholwa kuNkulunkulu njengokuba kusho embhalweni, ukuthi: “Ngakholwa, ngakho ngakhuluma.” Nathi siyakholwa, ngakho-ke siyakhuluma,
Uma kubuzwa ngoThithu, ngibambisene naye futhi uyisisebenzi kanye nabazalwane bethu, bayizithunywa zamabandla, bayinkazimulo kaKhristu.
saze samncenga uThithu njengokuba wayesevele eqalile phambilini ukuba nakini awufeze futhi lowo msebenzi womusa.
Akusekho mJuda namGriki, oboshiweyo nokhululekileyo; akusekho owesilisa nowesifazane, ngokuba nonke nimunye kuKhristu uJesu.
makube kini umusa nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba wethu, naseNkosini uJesu Khristu.
kubo abangcwele baseKholose, nabazalwane abakholekileyo kuKhristu: makube kini umusa nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba wethu.
Ngiyambonga uKhristu uJesu iNkosi yethu owangipha amandla, wangibona ngethembekile, wangiqokela emsebenzini wakhe,
UPawula, umphostoli kaKhristu uJesu ngokwentando kaNkulunkulu nangokwesithembiso sokuphila okukuKhristu uJesu,
kuThimothewu umntwana othandekayo: makube kuwe umusa, ububele, nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba nakuKhristu uJesu iNkosi yethu.
Ngokuba uDema wangishiya waya eThesalonikha ngenxa yokuthanda leli lizwe lamanje. UKhreske waya eGalathiya, uThithu waya eDalmathiya;
okuthe ngesikhathi esifaneleyo walibonakalisa izwi lakhe entshumayelweni engayiphathiswa ngokomyalo kaNkulunkulu uMsindisi wethu.
silindele ithemba elibusisiweyo nokubonakala kwenkazimulo kaNkulunkulu omkhulu noMsindisi wethu uJesu Khristu,
USimoni Phethro, inceku nomphostoli kaJesu Khristu, kulabo abemukele ukukholwa okuyigugu kanye nathi, ngokulunga kukaNkulunkulu wethu noMsindisi uJesu Khristu:
Ngokuba ngokwenza kanjalo, niyakuphiwa ilungelo elipheleleyo lokungena embusweni waphakade weNkosi yethu noMsindisi uJesu Khristu.
Ngokuba lapho sebephunyukile ekungcoleni kwaleli lizwe ngokwazi iNkosi yethu noMsindisi uJesu Khristu kodwa baphinde babanjwa yikho, kwabehlula, futhi isiphetho sabo sibasibi kakhulu kunesiqalo.
Kepha khulani emseni nasekwazini iNkosi noMsindisi wethu uJesu Khristu. Kuye makube udumo kusukela manje kuze kube usuku lwaphakade. Amen.
ukuba nikhumbule amazwi akhulunywa phambilini ngabaphrofethi abangcwele nomyalo weNkosi noMsindisi owashunyayelwa ngabaphostoli benu.
Yilesi isibindi esinaso kuye sokuthi uma sicela utho ngokwentando yakhe, uyasizwa.
Bathandekayo, ngisha amashushu ngifuna ukunilobela ngensindiso esiyihlanganyele sonke, ngikuthola kubalulekile ukuba nginilobele, nginikhuthaze ukuba nilulwele ukholo olwabekwa kwabakanye kwabangcwele.