kungesikhathi eside, izwe ngeke lisangibona, kepha nina niyangibona, ngokuba ngiyaphila, nani nizakuphila.
KumaHeberu 7:8 - IsiZulu 2020 Lapha-ke abantu abafayo bemukeliswa okweshumi, kodwa lapho ngofakazelwa ukuthi uyaphila. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Lapha-ke abantu abafayo bamukeliswa okweshumi, kepha lapho ngofakazelwa ukuthi uyaphila. Baasraak Zulu New Testament Bible Futhi lapha abantu abafayo bamukela okweshumi; kodwa lapho uyawemukela, ofakazelwa ngaye ukuthi uyaphila. Contemporary Zulu Bible 2024 Futhi lapha abantu abafayo bamukela okweshumi; kodwa lapho uyawemukela, ofakazelwa ngaye ukuthi uyaphila. |
kungesikhathi eside, izwe ngeke lisangibona, kepha nina niyangibona, ngokuba ngiyaphila, nani nizakuphila.
UJesu wathi: “Mina ngiyindlela, neqiniso, nokuphila; akakho oza kuBaba ngaphandle kwami.
Pho-ke yibaphi abezwayo bahlubuka na? Akusibo yini bonke abaphuma eGibhithe ngoMose na?
Njengalokhu esho kwenye indawo, ethi: “Wena ungumphristi kuze kube phakade ngokokuma kukaMelkhizedeki.”
lapho uJesu eyisigijimi wasandulela wangena khona, sewaba ngumphristi omkhulu kuze kube phakade, ngokokuma kukaMelkhizedeki.
Kepha abaphristi bokuqala babebaningi, ngokuba bathiywa ngukufa ukuba baqhubeke njalo,
Kungashiwo ukuthi uLevi uqobo wemukela okweshumi, wakhokha okweshumi ngaye u-Abhrahama,
Njengokuba futhi kumisiwe ukuba abantu bafe kanye, emva kwalokho kube ngukwehlulelwa,
nophilayo. Ngangifile; manje ngiyaphila kuze kube phakade naphakade, futhi ngiphethe izihluthulelo zokufa nezeHayidesi.