Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




KumaHeberu 7:5 - IsiZulu 2020

Nalabo bamadodana kaLevi abamukeliswa ubuphristi, bayaliwe ukuba bathathe okweshumi kubantu ngokomthetho, okusho ukuthi kubafowabo, nakuba nabo bengabokhalo luka-Abhrahama.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Nalabo bamadodana kaLevi abamukeliswa ubupristi banomyalo wokuthatha okweshumi kubantu ngokomthetho, okungukuthi kubafowabo, ingani baphume okhalweni luka-Abrahama;

Uka jalj uñjjattʼäta

Baasraak Zulu New Testament Bible

Kepha labo abangamadodana kaLevi abemukeliswa ubupristi banomyalo wokuba bathathe okweshumi kubantu ngokomthetho, okungukuthi kubafowabo, noma bephuma okhalweni luka-Abrahama;

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Kepha labo abangamadodana kaLevi abemukeliswa ubupristi banomyalo wokuba bathathe okweshumi kubantu ngokomthetho, okungukuthi kubafowabo, noma bephuma okhalweni luka-Abrahama;

Uka jalj uñjjattʼäta



KumaHeberu 7:5
15 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UNkulunkulu wathi kuye: “NginguNkulunkulu uSomandla. Zala wande, ube yisizwe esikhulu. Kuwe kuyovela izizwe eziningi. Nasokhalo lwakho kuyovela amakhosi.


Bonke abantu abangena eGibhithe noJakobe, abavela okhalo lwakhe ngaphandle kwabafazi babo, babengama-66.


ngaphandle kokuthi awuyukuyakha indlu, kodwa indodana yakho eyakuphuma okhalo lwakho yiyona eyakukwakhela igama lami indlu.’


Ngabuye ngezwa nokuthi abanye abaLevi nabaculi ababesebenza ethempelini sebehambile bayosebenza emasimini abo, ngoba abantu base beyekile ukuba babanike isabelo sabo.


Sebebonke abaphuma okhalo lukaJakobe babengabantu abangama-70. UJosefa wayevele eseseGibhithe.


“Biza u-Aroni umfowenu phakathi kwabantu bakwa-Israyeli namadodana akhe, uNadabi, u-Abhihu, u-Eleyazare no-Ithamari beze kuwe, ukuba babe ngabaphristi bami bangikhonze.


Wena, namadodana akho ahlala nawe, niyakugcina ubuphristi kukho konke okuphathelene ne-althare, nakukho konke okungaphakathi kwesihenqo. Lokhu kungumsebenzi wenu, ngokuba ngininika ubuphristi bube yinkonzo eyisipho kini, umfokazi osondelayo uyobulawa.”


“Kuyothi lapho usuqedile ukuthatha konke okweshumi kwezithelo zakho, ngonyaka wesithathu, okungunyaka wokweshumi, usumnikile, wadla, wasutha umLevi, umfokazi, intandane, nomfelokazi ohlala nawe emzini wakho,


Akukho muntu ozithathela leso sikhundla, kodwa uyabizwa nguNkulunkulu njengalokhu kwaba njalo naku-Aroni.


ngokuba wayesesokhalo lukayise mzukwana uMelkhizedeki emhlangabeza.