Kepha mina kungilungele ukusondela kuNkulunkulu, ngiyenzile iNkosi uSimakade ibe yisiphephelo sami, ukuze ngishumayele zonke izenzo zakho.
KumaHeberu 7:19 - IsiZulu 2020 lokhu akukho okupheleliswe ngomthetho, yingakho-ke sesinikwe ithemba elingcono, okungalo sisondela kuNkulunkulu. IBHAYIBHELI ELINGCWELE lokhu umthetho awuphelelisanga lutho, kepha sekungeniswa ithemba elingcono, esisondela ngalo kuNkulunkulu. Baasraak Zulu New Testament Bible Ngokuba umthetho awuphelelisanga lutho, kepha kwangeniswa ithemba elingcono; esisondela ngayo kuNkulunkulu. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngokuba umthetho awuphelelisanga lutho, kepha kwangeniswa ithemba elingcono; esisondela ngayo kuNkulunkulu. |
Kepha mina kungilungele ukusondela kuNkulunkulu, ngiyenzile iNkosi uSimakade ibe yisiphephelo sami, ukuze ngishumayele zonke izenzo zakho.
UJesu wathi: “Mina ngiyindlela, neqiniso, nokuphila; akakho oza kuBaba ngaphandle kwami.
okungaye sinokungena ngokukholwa kulo musa esimi kuwo, sizigabisa ngethemba lenkazimulo kaNkulunkulu.
Pho sizakuthini na? Ngabe umthetho uyisono na? Qha nakanye, kepha ngabe angisazanga isono ukuba kwakungekho umthetho, ngokuba ngangingekwazi nokufisa ukuba umthetho awushongo ukuthi: “Ungafisi.”
Phela lokho okwakwehlula umthetho, ngokuba inyama yemvelo iwuthene amandla, uNkulunkulu wakwenza ngokuthumela iNdodana yakhe inesimo somzimba wesono, ukuze ibhekane ngqo nesono, sinqotshwe isono enyameni,
sazi ukuthi umuntu akalungisiswa ngemisebenzi yomthetho, kodwa ngokukholwa kuphela kuJesu Khristu, nathi sikholwa kuJesu Khristu ukuba silungisiswe ngokukholwa kuKhristu, hhayi ngemisebenzi yomthetho, ngokuba ngemisebenzi yomthetho, akukho muntu oyakulungisiswa.
Ngabe pho umthetho umelene yini nezithembiso zikaNkulunkulu na? Phinde neze! Uma umthetho owanikezwa wawunamandla okunikeza ukuphila, ngabe salungisiswa ngawo umthetho.
Ngakho umthetho wawungumqaphi wethu osiyisa kuKhristu, ukuze silungisiswe ngokukholwa.
okuyibona uNkulunkulu athanda ukubazisa ukuthi iyini ingcebo yenkazimulo yale mfihlakalo phakathi kwabezizwe. Le mfihlakalo inguKhristu phakathi kwenu, ithemba lenkazimulo.
UPawula, umphostoli kaKhristu uJesu, ngokomyalo kaNkulunkulu uMsindisi wethu nokaKhristu uJesu ithemba lethu,
Njengalokhu umthetho uyisithunzi sezinto ezinhle ezizayo, ungesiwo umfanekiso wazo uqobo, ngeke waba namandla ngemihlatshelo enikelwa njalo iminyaka ngeminyaka ukubenza baphelele labo abasondelayo.
ngokuba uNkulunkulu wayesibonele okuhle kunalokho, ukuze bangapheleliswa ngaphandle kwethu.
kodwa-ke ngaphandle kokukholwa, kulukhuni ukumthokozisa, ngokuba lowo ozayo kuNkulunkulu umelwe ukukholwa ukuthi ukhona nokuthi uyabavuza labo abamfunayo.
Kepha uKhristu uthembekile njengendodana phezu kwendlu yakhe, esiyindlu yakhe thina, uma sibambisisa ngeqholo nangokuzigabisa ngethemba kuze kube sekupheleni.
Ngakho-ke masisondele ngesibindi esihlalweni somusa ukuze samukeliswe isihawu, sifumane umusa wokusiza ngesikhathi esifaneleyo.
ukuze ngezinto ezimbili ezingenakuguquleka, okungelula ukuba uNkulunkulu angaqamba amanga ngazo: thina esigijimile ukuyobamba ithemba esilimiselweyo, sifumane ukugqugquzeleka okukhulu.
Uma-ke ukuphelela kutholakala ngobuphristi bukaLevi ngokuba isizwe samiselwa bona ngomthetho, pho kusadingeke ngani ukuba kuvele omunye umphristi ngokokuma kukaMelkhizedeki, kungabi ngokohlelo luka-Aroni na?
Lokho akubanga ngenxa yokufunga, ngokuba laba babekwa baba ngabaphristi ngaphandle kokufunga,
Ngakho-ke unamandla okusindisa ngokupheleleyo laba abeza kuNkulunkulu ngaye, lokhu ephila ukuba abamele njalo.
Kepha manje unikwe inkonzo enhle ngokwedlulele, njengalokhu engumxhumanisi wesivumelwano esihle kakhulu, esimisiwe ngokwezithembiso ezinhle kakhulu.
Ngokuba ingumfanekiso walesi sikhathi samanje, okulethwa ngaso iminikelo nemihlatshelo, engenakumenza okhonzayo abe nonembeza omsulwa.
Sondelani kuNkulunkulu, naye uyakusondela kini. Hlanzani izandla, nina zoni, nihlambulule izinhliziyo, nina bonhliziyombili.