Amadodana kaJuda kungu-Eri, u-Onani, uShela, uPherezi, noZera. Kuwona u-Eri, no-Onani bafela eKhanani. Amadodana kaPherezi: kwakunguHezironi noHamuli.
KumaHeberu 7:14 - IsiZulu 2020 Kusobala ukuthi iNkosi yethu ivele kuJuda, isizwe uMose angakhulumanga lutho ngaso mayelana nobuphristi. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngokuba kusobala ukuthi iNkosi yethu ivele kuJuda, isizwe uMose angakhulumanga lutho ngaso ngobupristi. Baasraak Zulu New Testament Bible Ngokuba kusobala ukuthi iNkosi yethu yavela kwaJuda; isizwe uMose angakhulumanga lutho ngaso ngobupristi. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngokuba kusobala ukuthi iNkosi yethu yavela kwaJuda; isizwe uMose angakhulumanga lutho ngaso ngobupristi. |
Amadodana kaJuda kungu-Eri, u-Onani, uShela, uPherezi, noZera. Kuwona u-Eri, no-Onani bafela eKhanani. Amadodana kaPherezi: kwakunguHezironi noHamuli.
Intonga yobukhosi ngeke isuke kuJuda, nodondolo lombuso ngeke lugudluzwe phakathi kwezinyawo zakhe, kuze kufike lowo ubukhosi obungobakhe; nezizwe ziyakumlalela.
Kuyakuvela ihlumela esiqwini sikaJese, kumile igatsha ezimpandeni zakhe, lithele.
“Kepha wena Bhethlehema Efratha, nakuba ungomncinyane emindenini yakwaJuda, ngiyakuvusa oyakuvela kuwe, uyakuba ngumbusi kwa-Israyeli, ondabuko yakhe ngeyasemandulo, ezinsukwini zaphakade.”
“Ngiyambona, kodwa hhayi manje; ngiyambheka, kodwa akekho eduze. Kuyovela inkanyezi kuJakobe; intonga yobukhosi iyovuka kwa-Israyeli, iphohloze uMowabi nxazonke, ichithe amadodana kaSethi;
“ ‘Nawe Bhethlehema, lizwe lakwaJuda awumncinyane kubabusi bakwaJuda, ngokuba kuwe kuyakuvela umbusi oyakwelusa isizwe sami u-Israyeli.’ ”
Izingelosi zathi kuye: “Mame, ukhalelani na?” Wathi kuzo: “Bayithathile iNkosi yami, futhi angazi ukuthi bayibeke kuphi.”
Ngabe ucabanga wena muntu ukuthi ngokwehlulela labo abenza lezi zinto nawe ozenzayo, uyakuphepha yini ekwehluleleni kukaNkulunkulu na?
Makabongwe uNkulunkulu uYise weNkosi yethu uJesu Khristu, osibusisile ezulwini kuKhristu ngaso sonke isibusiso sokomoya;
Yebo impela, ngikushaya indiva ngenxa yobukhulu bokumazi uKhristu uJesu iNkosi yami, engilahlekelwe yikho konke ngenxa yakhe, ngikushaya izibi ukuze ngizuze uKhristu,
Ngoba lowo okushiwo ngaye lokho, ungowesinye isizwe okungakaze kube khona muntu kuso owake wakhonza e-althare.
“Mina Jesu, ngiyithumile ingelosi yami ukuba ifakaze kini ngalezi zinto emabandleni. Ngiyimpande nowolibo lukaDavide, inkanyezi yokusa ecwebezelayo.”
Omunye wamalunga wayesethi kimi: “Ungakhali. INgonyama yesizwe sakwaJuda, iMpande kaDavide, inqobile, ukuze ivule incwadi nezisicilelo zayo eziyisikhombisa.”