zaba yisikhumbuzo kubantu bakwa-Israyeli, ukuze kungabi bikho mfokazi ongesiye owozalo luka-Aroni oyakulokotha asondele ashise impepho phambi kukaSimakade; ukuze angabi njengoKhora neviyo lakhe, njengalokhu uSimakade akhuluma kuye ngoMose.
KumaHeberu 7:13 - IsiZulu 2020 Ngoba lowo okushiwo ngaye lokho, ungowesinye isizwe okungakaze kube khona muntu kuso owake wakhonza e-althare. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kepha lowo okushiwo lokho ngaye ungowesinye isizwe okungabanga bikho kuso umuntu owake wakhonza e-altare. Baasraak Zulu New Testament Bible Ngokuba lowo okukhulunywa ngaye lokho ungowesinye isizwe, okungekho muntu kuso owake wakhonza e-altare. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngokuba lowo okukhulunywa ngaye lokho ungowesinye isizwe, okungekho muntu kuso owake wakhonza e-altare. |
zaba yisikhumbuzo kubantu bakwa-Israyeli, ukuze kungabi bikho mfokazi ongesiye owozalo luka-Aroni oyakulokotha asondele ashise impepho phambi kukaSimakade; ukuze angabi njengoKhora neviyo lakhe, njengalokhu uSimakade akhuluma kuye ngoMose.
Kuyothi lowo muntu engiyokumkhetha, intonga yakhe ihlume, ukuze ngiqede ukukhononda abakwa-Israyeli abanakho ngani.”
Uma-ke ukuphelela kutholakala ngobuphristi bukaLevi ngokuba isizwe samiselwa bona ngomthetho, pho kusadingeke ngani ukuba kuvele omunye umphristi ngokokuma kukaMelkhizedeki, kungabi ngokohlelo luka-Aroni na?
Ngokuba lapho kunoguquko ebuphristini, kuba nesidingo sokuba kuguqulwe nomthetho.
Kusobala ukuthi iNkosi yethu ivele kuJuda, isizwe uMose angakhulumanga lutho ngaso mayelana nobuphristi.