UNkulunkulu wathi kuye: “NginguNkulunkulu uSomandla. Zala wande, ube yisizwe esikhulu. Kuwe kuyovela izizwe eziningi. Nasokhalo lwakho kuyovela amakhosi.
KumaHeberu 7:10 - IsiZulu 2020 ngokuba wayesesokhalo lukayise mzukwana uMelkhizedeki emhlangabeza. IBHAYIBHELI ELINGCWELE ngokuba wayesesokhalweni lukayise mzukwana uMelkisedeki emhlangabeza. Baasraak Zulu New Testament Bible Ngoba wayesesokhalweni lukayise, mhla uMelkisedeki emhlangabeza. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngoba wayesesokhalweni lukayise, mhla uMelkisedeki emhlangabeza. |
UNkulunkulu wathi kuye: “NginguNkulunkulu uSomandla. Zala wande, ube yisizwe esikhulu. Kuwe kuyovela izizwe eziningi. Nasokhalo lwakho kuyovela amakhosi.
Bonke abantu abangena eGibhithe noJakobe, abavela okhalo lwakhe ngaphandle kwabafazi babo, babengama-66.
ngaphandle kokuthi awuyukuyakha indlu, kodwa indodana yakho eyakuphuma okhalo lwakho yiyona eyakukwakhela igama lami indlu.’
Njengalokhu esho kwenye indawo, ethi: “Wena ungumphristi kuze kube phakade ngokokuma kukaMelkhizedeki.”
Uma-ke ukuphelela kutholakala ngobuphristi bukaLevi ngokuba isizwe samiselwa bona ngomthetho, pho kusadingeke ngani ukuba kuvele omunye umphristi ngokokuma kukaMelkhizedeki, kungabi ngokohlelo luka-Aroni na?
Nalabo bamadodana kaLevi abamukeliswa ubuphristi, bayaliwe ukuba bathathe okweshumi kubantu ngokomthetho, okusho ukuthi kubafowabo, nakuba nabo bengabokhalo luka-Abhrahama.
Kungashiwo ukuthi uLevi uqobo wemukela okweshumi, wakhokha okweshumi ngaye u-Abhrahama,