“Thatha u-Aroni namadodana akhe, izembatho, amafutha okugcoba, inkunzi yomnikelo wesono, izinqama ezimbili, neqoma lezinkwa ezingenamvubelo,
KumaHeberu 5:1 - IsiZulu 2020 Ngokuba yilowo nalowo mphristi omkhulu okhethwa kubantu, umiselwa abantu kokukaNkulunkulu, ukuze anikele izipho nemihlatshelo ngenxa yezono; IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngokuba yilowo nalowo mpristi omkhulu okhethwa kubantu umiselwa abantu kokukaNkulunkulu, ukuze anikele izipho nemihlatshelo ngenxa yezono; Baasraak Zulu New Testament Bible Ngokuba wonke umpristi omkhulu othathwa kubantu umiselwa abantu kokukaNkulunkulu, ukuze anikele izipho nemihlatshelo ngenxa yezono; Contemporary Zulu Bible 2024 Ngokuba wonke umpristi omkhulu othathwa kubantu umiselwa abantu kokukaNkulunkulu, ukuze anikele izipho nemihlatshelo ngenxa yezono; |
“Thatha u-Aroni namadodana akhe, izembatho, amafutha okugcoba, inkunzi yomnikelo wesono, izinqama ezimbili, neqoma lezinkwa ezingenamvubelo,
UMose wathi ku-Aroni: “Sondela e-althare, unikele ngomnikelo wakho wesono, nangomnikelo wakho wokushiswa, uzenzele wena nabantu ukubuyisana andukuba unikele ngomnikelo wabantu ubenzele ukubuyisana, njengalokhu uSimakade eyalile.”
Ngokuba nganinika lokho okubalulekileyo kakhulu engakwamukela nami ukuthi uKhristu wafa ngenxa yezono zethu, njengokwemibhalo,
Yilowo nalowo mphristi uyama ekhonza imihla ngemihla, enikela engaphezi ngayo leyo mihlatshelo engakwazi ukususa izono.
Kodwa Yena, esenikele ngomhlatshelo kwaba kanye ngenxa yezono, wahlala phakade ngakwesokunene sikaNkulunkulu,
Ngokukholwa, u-Abela wanikela kuNkulunkulu ngomnikelo owamukelekayo kunokaKhayini. Ngalokhu wathola ukunconywa ngokuthi ulungile, uNkulunkulu efakazela izipho zakhe. Nakuba esafa, usakhuluma nokho ngawo.
Ngakho kwamfanela ukuba abe njengabafowabo kukho konke, ukuze abe ngumphristi omkhulu onozwelo nothembekileyo kokukaNkulunkulu, kube yinhlawulo yezono zabantu.
Akadingi, njengabanye abaphristi abakhulu, ukuba imihla ngemihla anikele ngemihlatshelo ngenxa yezono zakhe kuqala, bese kuba ngenxa yezabantu, ngokuba wakwenza lokho kwaba kanye mhla ezinikela Yena.
Ngokuba yilowo nalowo mphristi omkhulu, ugcotshelwe ukunikela ngeminikelo nemihlatshelo. Ngakho-ke kudingekile ukuba naye luqobo abe nakho okuthile azonikela ngakho.
Ukuba ubesemhlabeni ubengeke abe ngumphristi nakanye, ngokuba bakhona abaphristi abanikela ngeminikelo ngokomthetho,
Ngokuba ingumfanekiso walesi sikhathi samanje, okulethwa ngaso iminikelo nemihlatshelo, engenakumenza okhonzayo abe nonembeza omsulwa.