UDavide wanika uSolomoni umfanekiso wompheme, izindlu zethempeli, ingcebo yalo, amakamelo alo aphezulu nangaphakathi kwayo, indlu yesihlalo somusa,
KumaHeberu 4:16 - IsiZulu 2020 Ngakho-ke masisondele ngesibindi esihlalweni somusa ukuze samukeliswe isihawu, sifumane umusa wokusiza ngesikhathi esifaneleyo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngakho-ke masisondele ngesibindi esihlalweni somusa ukuba samukeliswe isihawu, sifumane umusa wokusiza ngesikhathi esifaneleyo. Baasraak Zulu New Testament Bible Ngakho-ke masisondele ngesibindi esihlalweni somusa, ukuze samukeliswe isihawu, sifumane umusa wokusiza ngesikhathi esifaneleyo. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngakho-ke masisondele ngesibindi esihlalweni somusa, ukuze samukeliswe isihawu, sifumane umusa wokusiza ngesikhathi esifaneleyo. |
UDavide wanika uSolomoni umfanekiso wompheme, izindlu zethempeli, ingcebo yalo, amakamelo alo aphezulu nangaphakathi kwayo, indlu yesihlalo somusa,
Lapho amagatsha awo esebunile, ayogencwa, kufike abesifazane baphembe ngawo umlilo. Ngokuba laba bantu bayisizwe esingenakuqonda; owabenzayo akayukubahawukela, nowababumbayo akayukuba namusa kubo.
USimakade wathi kuMose: “Khuluma no-Aroni, umfowenu, ukuba angangeni noma nini endaweni engcwele emva kwesihenqo phambi kwesihlalo somusa esiphezu komphongolo, ukuze angafi, ngokuba ngiyabonakala efini phezu kwesihlalo somusa.”
ukuze sisho ngesibindi, sithi: “INkosi ingumsizi wami, angiyukwesaba; umuntu angangenzani na?”
Kepha uKhristu uthembekile njengendodana phezu kwendlu yakhe, esiyindlu yakhe thina, uma sibambisisa ngeqholo nangokuzigabisa ngethemba kuze kube sekupheleni.
lokhu akukho okupheleliswe ngomthetho, yingakho-ke sesinikwe ithemba elingcono, okungalo sisondela kuNkulunkulu.
Ngakho-ke unamandla okusindisa ngokupheleleyo laba abeza kuNkulunkulu ngaye, lokhu ephila ukuba abamele njalo.
Phezu kwawo, kwakukhona amakherubhi enkazimulo engame isihlalo somusa, nokunye okungechazwe ngakunye njengamanje.
Nina naningesiso isizwe, kepha manje seniyisizwe sikaNkulunkulu; naningahawukelwanga, kodwa manje senihawukelwe.