Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




KumaHeberu 2:15 - IsiZulu 2020

akhulule bonke okwathi ngokwesaba ukufa besaphila, baboshelwa ebugqileni.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

abakhulule bonke labo abathi ngokwesaba ukufa ekuhambeni kwabo konke babeboshelwe ebugqileni.

Uka jalj uñjjattʼäta

Baasraak Zulu New Testament Bible

futhi abakhulule labo ababeboshelwe ebugqilini ukuphila kwabo konke ngokwesaba ukufa.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

futhi abakhulule labo ababeboshelwe ebugqilini ukuphila kwabo konke ngokwesaba ukufa.

Uka jalj uñjjattʼäta



KumaHeberu 2:15
17 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ingebhe iyasethusa nxazonke, isezithendeni zaso.


Siyakususwa ethendeni laso esilethembayo, siyiswe enkosini yengebhe.


Ngokuba ubumnyama obukhulu kubo bonke labo bunjengokusa, lokhu bayakwazi ukwesabeka kwesigayegaye.


ukukhulula umphefumulo wabo ekufeni, nokubagcina bephilile endlaleni.


Inhliziyo yami iyathuthumela ngaphakathi, ukwesaba ukufa kungehlele.


Ngokuba umphefumulo wami uwukhulule ekufeni, nezinyawo zami, ekukhubekeni, ukuze ngihambe phambi kukaNkulunkulu, ekukhanyeni kwabaphilayo.


Maye, bachithwa ngokuphazima kweso! Bafa, babhubha benovalo.


Ngubani oyophila angakuboni ukufa, akhulule umphefumulo wakhe emandleni endawo yabafileyo na? Sela


ngokuba anamukeliswanga umoya wobugqila ukuba nibuye nesabe, kepha namukeliswa umoya wobuntwana esimemeza ngaye sithi: “Abba, Baba!”


nayo indalo uqobo iyakukhululwa ebugqileni bokubhubha, ikhululelwe enkazimulweni yabantwana bakaNkulunkulu.


Nguye owasihlenga ekufeni okungaka, futhi oyakusiphephisa; sethembele kuye ukuthi uyakusihlenga.


Ngitsheleni nina enifuna ukuba phansi komthetho, aniwuzwa yini umthetho na?


Ngokuba uNkulunkulu akasiphanga umoya wobugwala, kodwa owamandla, owothando, nowokuzithiba.


Ngokuba kuyakhanya ukuthi akezanga ukuzosiza izingelosi, kodwa labo abayinzalo ka-Abhrahama.