KumaHeberu 13:23 - IsiZulu 2020 Yazini ukuthi umfowethu uThimothewu usekhululiwe. Uma efika masinyane ngizakunibona kanye naye. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Yazini ukuthi umfowethu uThimothewu ukhululiwe; uma efika masinyane, ngiyakunibona sinaye. Baasraak Zulu New Testament Bible Yazini ukuthi umzalwane wethu uThimothewu ukhululiwe; okuthi uma efika masinyane, ngizakunibona naye. Contemporary Zulu Bible 2024 Yazini ukuthi umzalwane wethu uThimothewu ukhululiwe; okuthi uma efika masinyane, ngizakunibona naye. |
Ngakho nxa sengikufezile lokho, ngabeka leso sithelo esandleni sabo, ngizakuhamba, ngidlule kini, ngiye eSpaniya.
UPawula, umphostoli kaKhristu uJesu ngokwentando kaNkulunkulu, noThimothewu umzalwane,
Sathumela uThimothewu umzalwane wethu, isikhonzi sikaNkulunkulu kanye nathi evangelini likaKhristu, ukuba aniqinise, anikhuthaze ekukholweni kwenu,
Yilwa ukulwa okuhle kokukholwa, ubambelele ekuphileni okuphakade owabizelwa kukho, wakuvuma ukuvuma okuhle phambi kofakazi abaningi.
Ngakho-ke ungabi namahloni ngobufakazi ngeNkosi yethu, nangami engiyisiboshwa sayo, futhi hlanganyela nami ekulihluphekeleni ivangeli ngamandla kaNkulunkulu.
UPawula, isiboshwa sikaKhristu uJesu noThimothewu umzalwane, kuFilemoni isithandwa nesisebenzi kanye nathi,
Okunye-ke ngilungiseleni indawo lapho ngizogogobala khona, ngoba ngiyethemba ukuthi ngenxa yemikhuleko yenu, ngizobuyiselwa kini.
Ngase ngithi kulo: “Nkosi yami, nguwena owaziyo.” Lase lithi kimi: “Laba yibo abaphuma osizini olukhulu, bahlanza izingubo zabo, bazenza zaba mhlophe egazini leWundlu.