Kuthe usufundiwe umthetho nabaphrofethi, abaphathi besinagoge bathumela kubo, bathi: “Madoda, bazalwane, uma ninezwi lokugqugquzela abantu, likhulumeni.”
KumaHeberu 13:22 - IsiZulu 2020 Ngiyanincenga bazalwane, lamukeleni kahle izwi lokuyala, ngokuba nginilobele lona ngamazwi amafuphi. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngiyaniyala, bazalwane, lamukeleni kahle izwi lokuyala, ngokuba nginilobele ngokufushane. Baasraak Zulu New Testament Bible Ngiyanincenga, bazalwane, ukuba nilibekezelele izwi lesikhuthazo, ngokuba nginilobele ngamafuphi. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngiyanincenga, bazalwane, ukuba nilibekezelele izwi lesikhuthazo, ngokuba nginilobele ngamafuphi. |
Kuthe usufundiwe umthetho nabaphrofethi, abaphathi besinagoge bathumela kubo, bathi: “Madoda, bazalwane, uma ninezwi lokugqugquzela abantu, likhulumeni.”
Mina Pawula uqobo, ngiyanincenga ngobumnene nangobubele bukaKhristu. Mina engithobile uma ngiphambi kwenu, kodwa uma ngingekho phambi kwenu nginesibindi.
Singamanxusa kaKhristu ngokungathi uNkulunkulu unxusa ngathi; siyanincenga esikhundleni sikaKhristu sithi: “Buyisanani noNkulunkulu.”
Thina esisebenza kanye naye, siyanincenga ukuba ningawemukeleli ize umusa kaNkulunkulu,
ukuthi wangambulela ngesambulo imfihlakalo, njengoba nganilobela kafushane ngaphambilini;
Senikhohliwe yini ukugqugquzela aniyala ngakho nina eningabantwana, ethi: “Ndodana yami, ungakwedeleli ukuyala kweNkosi, ungadangali nxa Yona ikusola;
Ngakho-ke kufanele kakhulu ukuba sibambisisise lokho esikuzwileyo, funa siphambuke kukho.
Ngakho-ke bazalwane abangcwele enihlanganyela obizweni lwasezulwini, bhekisisani umPhostoli nomPhristi omkhulu wesivumo sethu, uJesu,
Ngakho-ke lokhu kusekhona isithembiso sokungena ekuphumuleni kwakhe, masesabe, ukuze kungabi bikho namunye, funa kube khona oyedwa kini obonakala esala emuva esithembisweni sokungena, esisekhona.
Ngakho-ke masikukhuthalele ukungena kulokho kuphumula, ukuze kungawi muntu ngenxa yokulandela isibonelo sokungalaleli.
NgoSilvanu, umzalwane othembekile kithi, nginibhalele ngamafuphi ukunikhuthaza, nokufakaza ukuthi yiwo ngokwempela umusa kaNkulunkulu enimi kuwo.