Lapho bonke abantu bezwa ukuduma kwezulu, nombani, nokukhala kwecilongo, bebona nentaba ithunqa, bathuthumela, bamela kude.
KumaHeberu 12:18 - IsiZulu 2020 Ngokuba anizanga entabeni ethintekayo nevutha umlilo, nasekufiphaleni, nasebumnyameni, nasesivunguvungwini, IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngokuba anizanga entabeni ephathekayo nesha umlilo, nasekufiphaleni, nasebumnyameni, nasesivunguvungwini, Baasraak Zulu New Testament Bible Ngokuba anizanga entabeni ethintwa, eshiswa umlilo, nobumnyama, nobumnyama, nesiphepho, Contemporary Zulu Bible 2024 Ngokuba anizanga entabeni ethintwa, eshiswa umlilo, nobumnyama, nobumnyama, nesiphepho, |
Lapho bonke abantu bezwa ukuduma kwezulu, nombani, nokukhala kwecilongo, bebona nentaba ithunqa, bathuthumela, bamela kude.
Ukubonakala kwenkazimulo kaSimakade kubantu bakwa-Israyeli kwakufana nomlilo oqothulayo esiqongweni sentaba.
ngokuba isono asiyukubusa phezu kwenu, phela anikho phansi komthetho, kodwa niphansi komusa.
ngokuba anamukeliswanga umoya wobugqila ukuba nibuye nesabe, kepha namukeliswa umoya wobuntwana esimemeza ngaye sithi: “Abba, Baba!”
Uma inkonzo yokufa eyayiqoshiwe ematsheni yafika inenkazimulo, kangangokuba abantwana bakwa-Israyeli babengakwazi ukububuka ubuso bukaMose, ngenxa yenkazimulo ephelayo eyayisebusweni bakhe,
Ngokuba uma inkonzo yokulahlwa ibinenkazimulo, inkonzo yokulunga inenkazimulo enkulu kakhulu.
“Nasondela, nema phansi kwentaba; intaba yayivutha umlilo kuze kube semkhathini, inamafu amnyama nesigayegaye sobumnyama.
Ngaleso sikhathi mina ngangimi phakathi kukaSimakade nani ukuze nginazise izwi likaSimakade, ngokuba nesaba ngenxa yomlilo, anikhuphukelanga entabeni. Wathi:
Ngokuba uNkulunkulu akasiphanga umoya wobugwala, kodwa owamandla, owothando, nowokuzithiba.