Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




KumaHeberu 12:13 - IsiZulu 2020

Nizenzele izinyawo zenu izindlela eziqondileyo ukuze okuqhugayo kungaphinyizeki, kunalokho kuphiliswe.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

nenzele izinyawo zenu izindlela eziqondileyo ukuba okuqhugayo kungaphinyizeki, kepha kunalokho kuphulukiswe.

Uka jalj uñjjattʼäta

Baasraak Zulu New Testament Bible

Nenzele izinyawo zenu izindlela eziqondileyo, ukuze okuqhugayo kungaphambuki endleleni; kodwa kunalokho kakulaliswe.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Nenzele izinyawo zenu izindlela eziqondileyo, ukuze okuqhugayo kungaphambuki endleleni; kodwa kunalokho kakulaliswe.

Uka jalj uñjjattʼäta



KumaHeberu 12:13
15 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Qinisani izandla eziyethileyo, niqinise amadolo axegayo.


izinyonga ziyakutshekula njengendluzele, nolimi lwesimungulu luhlabelele ngentokozo. Ngokuba kuyoqubuka amanzi ehlane, nemifudlana ogwadule.


Izimpumputhe ngiyozihambisa ngendlela ezingayaziyo, ngiyozihola emikhondweni ezingayaziyo, ngiyophendula ubumnyama bube ngukukhanya phambi kwazo, amagebhugebhu ahlelembeke, lezi zinto engiyozenza, angiyukuyeka ngingazenzi.


Abanye phakathi kwenu bayokwakha kabusha incithakalo yezakhiwo zasemandulo; uyakuvusa izisekelo zezizukulwane ngezizukulwane, uyobizwa ngokuthi unguMvuseleli wezingange, noMlungisi wemigwaqo ukuba kuhlalwe kukho.


Nokho abantu bami bangikhohliwe, bashisela okuyize impepho; bakhubeka ezindleleni zabo, emendweni yasemandulo, ukuba bahambe ngemikhondo, nangezindlela ezingahlelwanga;


Izigodi zonke ziyakugqitshwa, zonke izintaba namagquma kuyakuhlelenjwa; kuqonde izinsongansonga, nemigoxigoxi ibe yizindlela ezihlelembekile;


Kepha lapho ngikubona lokhu ukuthi abahambi ngokufanele iqiniso levangeli, ngathi kuKhefase phambi kwabo bonke: “Uma wena ungumJuda uziphatha njengowezizwe, hhayi njengokwabaJuda, pho baphoqelwani abezizwe ukuba baphile njengabaJuda na?


Bazalwane, uma umuntu ebhabheka ebubini, nina bomoya mbuyiseni lowo ngomoya wobumnene, niqaphele nani, funa nilingwe.


Ngakho-ke vumani izono omunye komunye, nikhulekelane ukuze niphulukiswe. Umkhuleko wolungileyo unamandla kakhulu.


owathwala izono zethu emzimbeni wakhe, emthini, ukuze kuthi sesifile ezonweni, siphile ekulungeni. Ngemivimbo yakhe naphiliswa,