KumaHeberu 12:12 - IsiZulu 2020 Ngakho-ke qinisani izandla ezibuthakathaka namadolo axegayo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngakho-ke qinisani izandla ezibuthakathaka namadolo axegayo, Baasraak Zulu New Testament Bible Ngakho-ke phakamisani izandla eziwileyo namadolo axegayo; Contemporary Zulu Bible 2024 Ngakho-ke phakamisani izandla eziwileyo namadolo axegayo; |
Kuyakuthi lapho bethi kuwe: ‘Ububulelani na?’ uthi kubo: ‘Kungenxa yombiko, ngokuba ngesikhathi oyakufika ngaso, zonke izinhliziyo ziyakudikibala, izandla zidangale, yonke imiphefumulo ibe buthakathaka, kugcwale amanzi emadolweni.’ Lokhu kuyeza, futhi kuyakwenzeka,” kusho iNkosi uSimakade.
Kwase kuhwaqabala ubuso bayo, imicabango yayo yayiyesabisa, kwaxega amanyonga okhalo lwayo, namadolo ayo ashayana.
Alisenalutho, kukhala ibhungane, futhi liyincithakalo, inhliziyo iyancibilika, kushayana amadolo, izinhlungu zikhungethe lonke ukhalo, nobuso babo bonke buphaphathekile.
Ngalolo lusuku kuyakuthiwa kulo iJerusalema: “Ungesabi, Ziyoni! Izandla zakho mazingayethi.
Bazalwane, siyanikhuthaza futhi niwayale amavila; duduzani abajabhileyo, nisekele ababuthakathaka, futhi nibabekezelele bonke.
Yebo, mqondeni yena owakhuthazela ephikwa kangaka yizoni, ukuze ningakhathali nidangale emiphefumulweni yenu.
Senikhohliwe yini ukugqugquzela aniyala ngakho nina eningabantwana, ethi: “Ndodana yami, ungakwedeleli ukuyala kweNkosi, ungadangali nxa Yona ikusola;