Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




KumaHeberu 10:7 - IsiZulu 2020

Ngase ngithi: ‘Manje ngiyeza. Kulotshiwe ngami emqulwini wencwadi, ukuba ngiyenze, Nkulunkulu, intando yakho.’ ”

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Ngase ngithi: ‘Bheka, ngiyeza – emqulwini wencwadi kulotshiwe ngami – ukuba ngiyenze, Nkulunkulu, intando yakho.’ ”

Uka jalj uñjjattʼäta

Baasraak Zulu New Testament Bible

Ngase ngithi: Bheka, ngiyeza (emqulwini wencwadi kulotshiwe ngami) ukwenza intando yakho, Nkulunkulu.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Ngase ngithi: Bheka, ngiyeza (emqulwini wencwadi kulotshiwe ngami) ukwenza intando yakho, Nkulunkulu.

Uka jalj uñjjattʼäta



KumaHeberu 10:7
12 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ngizokwenza ubutha phakathi kwakho nowesifazane, ngizonenza nizondane nenzalo yowesifazane. Inzalo yowesifazane iyochoboza ikhanda leyakho, nenzalo yakho ishaye isithende senzalo yakhe.”


Kwatholakala umqulu e-Ekhibhathana, inhlokomuzi yesifundazwe eMediya, okwakulotshwe kuwo: Isikhumbuzo.


Ngajabula kuyo yonke indawo emhlabeni wakhe, intokozo yami yayikanye nabantwana babantu.


INkosi uSimakade iyivulile indlebe yami, mina angihlubukanga, angihlehlanga nyovane.


“Zithathele umqulu wencwadi, ulobe kuwo wonke amazwi engiwakhulume kuwe ngo-Israyeli, nangoJuda, nangazo zonke izizwe, kusukela ngosuku engakhuluma ngalo kuwe ngezinsuku zokubusa kukaJosiya kuze kube namuhla.


Ngabona, bheka, naso isandla eselulelwe ngakimi, kuso kunomqulu wencwadi.


Wayesethi kimi: “Ndodana yomuntu, yidla lokhu okutholayo, wudle lo mqulu, uhambe uyokhuluma nendlu yakwa-Israyeli.”


UJesu wathi kubo: “Ukudla kwami kungukuba ngenze intando yongithumileyo, nokuba ngiwuphothule umsebenzi wakhe.


“Mina angenzi lutho ngokwami, ngehlulela njengokuba ngizwa, futhi ukwehlulela kwami kuqotho, ngokuba angifuni yona eyami intando, kodwa intando yongithumileyo.


Ngokuba ngehle ezulwini, hhayi ukuzokwenza intando yami, kodwa intando yalowo ongithumileyo.